Isikole iKwaMakhutha Comprehensive High School
Image: Facebook
KUQHUME isililo emagcekeni aseMakhutha Comprehensive High, ngoLwesihlanu ekuseni ngesikhathi uthisha wakulesi sikole eshayisa abafundi ababili.
Isolezwe lithole ngomthombo walo ukuthi luthisha elingeke lidalulwe igama lakhe ubesanda kuthola izincwadi zokushayela.
Kuvela ukuthi uhlehlele kubona bobabili abafundi omunye wanqamuka umlenze kwathi omunye walimala kanzima ngemuva kokuba yena embhangqe nodonga.
Umthombo uqhuba uthi lesi simo siholelele ekutheni kube khona abathile abangothisha abasole uzakwabo ngokuba budedengu ngokushayela enganaki ekubeni azi kahle ukuthi kukhona abafundi egcekeni.
"Angiyazi leya nto mina eyenzekile. Umuntu wazilimaza emini kwabha izingane zabantu. Isibhicongo lesiya futhi namanje ekuvumi ukuthi ngikholwe ukuthi ngempela yenzekile into efana nalena,'' kuqhuba umthombo.
Uqhuba uthi ngemuva kwesigameko uthisha ubedinda isililo angazi nokuthi kumele athatheni ahlanganise nani. Uqhuba uthi uthisha akakholwanga ebona umlenze womfundi usundize wayohlala kwenye indawo.''Ibuhlungu into eyenzeke kulesi sikole,'' kugcizelela umthombo.
Uqhuba uthi uthisha ubonakale sengathi uhanjelwa nayingqondo ngemuva kwesigameko. "Ubebonakala nje ukuthi udidekile kakhulu ucabanga nokuthi mhlawumpe ulele uyaphupha kanti kakunjalo ngempela uzilimazile uzingane zabantu,'' usho kanjena.
Isolezwe lishayele ucingo uthishanhloko wakulesi sikole, uMnuz Mduduzi Ngidi, limbuza ngalesi sigameko wavuma ukuthi uyazi ngaso kodwa wathi akukho okutheni angakusho ngaso ngoba senzeke kabi engekho yena esikoleni.
Isolezwe litholile ukuthi abazali kabaneme nje nhlobo ngalesi sigameko bakhala kakhulu ngokuthi besiyinto ebingagwemeka.
Omunye wabazali okhulume neSolezwe wacela ukuba kugodlwe igama lakhe ukhale kakhulu ngalesi sigameko wathi sibi futhi sizodala nokuthi abazali balahlekelwe ukubethemba othisha.
''Siyazibuza siyaziphendula nje ukuthi isigameko salolu hlobo senzeke kanjani phambi kothisha bebuka. Uma umfundi ezolimala kabuhlungu kangaka phambi kothisha sizoqhubeka kanjani nokubethembe thina,' 'kubuza umzali egcizelela ukuthi lingadalulwa igama lakhe.
Phambilini lesi sikole kuke kwavela ukuthi abafundi bakhona bayakotsheliswa uma kubhalwa izivivinyo zika-matric zokuphela konyaka.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Muzi Mahlambi uthe batsheliwe ngalesi sigameko ekuseni. Uthe bayadabuka ngokwehlelehlele abafundi. Uthe nothisha usesibhedlela ngenxa yokwethuka.
''Uthisha uthuke kakhulu ngalesi sigameko esimehlele. Kumphathe kabi kakhulu ukuthi alimaze kabi abantu ababiza ngokuthi bangamakilayenti akhe,'' úsho kanjena.
Related Topics: