Kunesiminyaminya eMgungundlovu ngenxa yabantu abayozama inhlanhla ekubeni ngamaphoyisa omgwaqo
Image: Sithunyelwe
Kuxwayiswa izakhamuzi nabashayeli bezimoto ngesiminyaminya esisedolobheni eMgungundlovu ikakhulu ezindaweni ezisondelene neRoyal Showgrounds.
Lokhu kudalwa wuhlelo lokuqashwa kwamaphoyisa omgwaqo KwaZulu-Natal oluqhubekayo kule ndawo, oseluhehe inqwaba yabafake izicelo.
Abashayeli bezimoto bayelulekwa ukuthi babekezele, basebenzise eminye imizila lapho kungenzeka khona.
Related Topics: