Amaphoyisa aqhube umkhankaso wokuqoqa izaphulamthetho eTshwane
Image: SAPS
Ibamba likaKhomishana wesiFundazwe, uMajor General Fred Kekana, uhole omunye umkhankaso oyimpumelelo we-High-Density Operation e-Akasia, esifundeni saseTshwane, lapho kuvinjwe khona abantu abangu-23 ngokushayela bephuzile, kwathi abangaphezu kuka-80 abokufika abakuleli ngokungemthetho baboshwa.
Ngaphezu kwalokho amaphoyisa avale indawo edayisa utshwala eyodwa ngenxa yokungalandeli umthetho iLiquor Act nabane ngokutholakala nezidakamizwa.
Abaseshi besifundazwe baphinde babopha abasolwa abangu-1,300 abebefunelwa amacala ahlukene, okuhlanganisa nabangu-268 ngamacala odlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane, e-Akasia.
Kuboshwe nabokufika abakuleli ngokungemthetho
Image: SAPS