UNgqongqoshe wokuThuthukiswa koMnotho, ukuVakasha nezeMvelo KwaZulu-Natal, uMfu Musa Zondi nosIhlalo weSisonke, uMnuz Brush Mncadi
Image: NKOSIKHONA CELE
WENZE isethembiso sokungenelela ngenhloso yokuxazulula uxhaxha lwezinkinga eziyizithiyo embonini yotshwala uNgqongqoshe wokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nezeMvelo KwaZulu-Natal, uMfu Musa Zondi.
UZondi ubeyisikhulumi sosuku kwiGala dinner yokuvala unyaka ebihlelwe yinhlangano ebunjwe ngabanikazi bezitolo ezidayisa utshwala, iSisonke Liqour Traders, e-Edward Hotel, eThekwini.
UZondi wenze isibophezelo sokuthi uzokwenza konke okusemandleni ngenhloso yokubuyekeza imali emba eqolo ekhokhwa ngabahweba ngotshwala njalo uma kufanele bavuselele izncwadi zokusebenza kwabo.
''Lolu daba ngiyathembisa ukuthi sizohlala phansi silubheke ngeso elibanzi bese sithola nekhambi lakhona. Akufanele engabe nikhala ngemali eningi eniyikhiphayo ngalokhu,''usho kanjena.
Ukhulume nangengwadla yamabhange amakhulu aye abe madolonzima njalo uma kukhulunywa udaba lokuxhasa ngemali abahweba ngotshwala. ''Abamabhange amakhulu kumele bazi ukuthi likhulu iqhaza elibanjwe yimboni yotshwala ekuthuthukisweni komnotho waKwaZulu-Natal,'' usho kanjena.
Okunye uZondi athe ukubona kuyinkinga wukuthi abahwebi botshwala bebala elimnyama kusalukhuni satshe ukuthi ukusebenza kwabo kukapakele nasezindaweni ezisedolobheni. Uthe kuyiphutha ukuthi laba bahwebi baphelela emalokishini kuphela ekubeni bengakwazi ukuthi basebenze nasedolobheni.
''Namhlanje ngithanda ukuhlaba lelo khwelo lokuthi asihlangane siyilungise nale nkinga yokuthi ukusebenza kwenu kusamile nje emalokishini. Akumele engabe kunjalo kumele ngabe kukhulunywa indaba yokuthi naphakathi emadolobheni seningenile. Kumele siqale manje sixoxe ngokuthi ningena kanjani emadolobheni,'' usho kanjena.
Eqhuba uthe bangalenzi iphutha lokuzibukela phansi ngoba akukho lapho abangeke bekwazi ukuhweba khona. Okunye athembise ukukubheka ngeso elibanzi wudaba lokuthi abahwenbi abansundu izitolo zabo zivalwa kusakhanya ekubeni ezongxiwankulu ziphuza ukuvalwa. ''Akumele kube khona izitolo zotshwala okumele zisheshe zivalwe kunezinye,'' kuchaza yena.
Ukhulume nangemithetho eminingi athe idinga ukubuyekezwa nathe igcine seyisetshenziselwa ukuvimba abanye abanentshisekelo yokungena nabo baziphilise kule mboni yotshwala.
''Enye inkinga okumele ixazululwe wudaba lokuthi kunenzincwadi zokuhweba ezanikezwa abantu baseNingizimu Afrika kodwa eseziwele ezandleni zabokufika. Lokhu kumele kubhekwane nakho nje ngqo,'' usho kanjena.
Usike elijikayo ekhuluma ngenkinga yamazambane abolile adayisa ngotshwala obungagunyaziwe.
USihlalo wale nhlangano uMnuz Brush Mncadi uthe bayajabula kakhulu ngokwesekwa wuNgqongqoshe. Ukuvumile ukuthi ziningi izinselelo ababhekene nazo kule mboni.
Uthe kodwa kulokoza inhlansi yethemba uma bethola ukwesekwa abakudingayo. Ugcizelele kakhulu ukuthi okuseqhulwini kubona wukuqinisekisa ukuthi le mboni ibonakala idlondlobala minyaka yonke.
''Abantu kumele bayihloniphe le mboni bazi ukuthi ineqhaza elikhulu kangakanani ekuthuthukisweni komphakathi ngezindlela ezahlukene,'' kusho uMncadi.
Related Topics: