UMPHATHISWA wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNksz Nomagugu Simelane
Image: Tumi Pakkies/ Independent Newspapers
UMPHATHISWA wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNksz Nomagugu Simelane, usekhuze abazali wathi mabayeke ukuvumela izingane ezincane ukuthi ziphuze ngoKhisimusi.
UNksz Simelane uzwakalise ukukhathazeka ngokuthi abanye abazali, bayazivumela izingane ukuthi ziphuze ngoba kungamaholidi.
"Akumele kuvunyelwe ingane eneminyaka engu-14, umfana noma intombazane ukuthi iye emathaveni. Umzali kumele azibuze ukuthi izingane zakhe zikuphi uma sekushaye u-6 ntambama. Akuyekwe nokuthi ngoKhisimusi ingane iyekwe iphuze utshwala," kusho uNksz Simelane.
Uthe uma ingane iyekwa iphuze utshwala ngoba kuwuKhisimusi, ifakwa emgudwini okungaziwa ukuthi uyophelelaphi.
"Abazali akumele bayekele yonke into yenziwe wuhulumeni. Umsebenzi wabo ukuthi bakhulise izingane zabo ngendlela," kuqhuba uNksz Simelane, ngesikhathi ekhuluma ohlelweni lwamasonto onke lomnyango, ezinkundleni zokuxhumana.
Usho lokhu nje ngoKhisimusi ezindaweni ezehlukene wandile umkhuba wokubona izingane zihamba ziwumshungu, ezinye ziphuza utshwala.
Unxuse abazali ukuthi bazifundise izingane zabo ukuthi zigeze izitsha emva kokudla njalo ntambama.
Ubuye wakhuluma nangephilisi elisiza ingane engakwazi ukuhlala izinze, okwaziwa nge-Attention-Deficit/Hyperactivity Disorder (ADHD), okuthiwa liyashoda kuleli.
Uthe abanayo inkinga yokuphelelwa yimithi esifundazweni.
"Sibhalelwe nguMnyango kazwelonke wathi leli philisi alikho, ngakho kudingeka ukuthi kuhlanganiswe athile ukuze abantu baqhubeke basizakale. Nangonyaka odlule akhona amaphilisi abeshoda ezingeni likazwelonke kodwa manje asekhona," kuqhuba uNksz Simelane.
UNksz Simelane ubuye waveza ukuthi kudingeka uwonke wonke empini yokulwa nokukhulelwa kwezingane.
Uthe amaphoyisa kudingeka abe yingxenye yempi, umnyango wezeNhlalakahle nawo uyadingeka ukuze kube nosonhlalakahle.
"Sinezinhlelo singumnyango zokuthi kunqandwe ukukhulelwa kwezingane. Sinohlelo lokuhlela umndeni olusiza ngokuthi izingane zingakhulelwa. Abanye abazali bayakhala uma sikhuluma ngodaba lokuhlela umndeni, bathi sifuna izingane zabo zizibandakanye nocansi," kusho uNksz Simelane.
Uthe badinga nabazali ukuthi babe yingxenye yohlelo lokugqugquzela izingane ukuthi zihlele umndeni ukuze zigweme ukukhulelwa.
Ethula umkhankaso wokulwa nokukhulelwa kwezingane esifundazweni ngeledlule, uNdunankulu uMnuz Thami Ntuli, wakhala ngokuthi izingane zikhulelwa zineminyaka engu-12.
Wathi abesilisa abalala nezingane ezingaphansi kuka-16,kumele babekwe amacala okudlwengula.
Wagxeka nabagijimela ukuyokhokha inhlawulo uma sebekhulelise izingane.
Related Topics: