Izindaba

Kufe nephoyisa kuqubuka ingxabano eBlue Lagoon ezintatha

Nonkululeko Nhlapo|Published

Kufe nephoyisa likamasipala esigamekweni okusolakala ukuthi ngesengxabano eBlue Lagoo, eThekwini.

Image: Sigciniwe

Kufe nephoyisa likamasipala esigamekweni okusolakala ukuthi ngesengxabano eBlue Lagoo, eThekwini.

Image: Sigciniwe

Kufe amadoda amabili okuhlanganisa nephoyisa esigamekweni okusolwa kuso ingxabano eBlue Lagoon, eThekwini ngezithuba zabo-02:30 ekuseni ngoMgqibelo ekuseni.

Abezimo eziphuthumayo ngaphansi kwenkampani i-ALS baphuthume endaweni yesehlo bethola umbiko ngokulimala kwabantu ngasePublic Pools, ngaseBlue Lagoon.

Abezimo eziphuthumayo bafike endaweni yesigameko bathola amaphoyisa akwa-SAPS namaphoyisa kaMasipala asevele ekhona base bakhonjwa ngokushesha lapho kutholwe khona amadoda amabili, okuthe Uma kuhlolwa isimo sawo atholakala enamanxeba amaningi okudutshulwa emzimbeni. Owesilisa oyedwa okukholakala ukuthi useminyakeni engamashumi amathathu ubudala akakhombisanga zimpawu zokuthi uyaphila. Owesibili wesilisa okukholakala ukuthi uyiphoyisa likaMasipala naye oneminyaka engamashumi amathathu ubudala utholwe esesimweni esibucayi. Abe-Advanced Life Support Paramedics bazamile ukuhlenga impilo yakhe endaweni yesigameko ngaphambi kokumphuthumisa esibhedlela esiseduze. Ngeshwa ngemuva kwesikhashana efikile esibhedlela umelwe yinhliziyo washonela khona lapho.

Okwamanje izehlakalo eziholela kulesi sehlo azikaziwa nokho abeSAPS namaphoyisa kaMasipala abekhona ukuphenya kabanzi.