Izindaba

Kubukeka kukude phambili amaphara edla umzila eThekwini

Zimbili Vilakazi|Published

Adaze inkani amaphara eThekwini

Image: eThekwini Municipality / Facebook

LUSELUDE ukhalo ngempi yokuqedwa inkinga yemilutha yewunga enkabeni yeTheku. 

Lokhu kuza emva kokuvimbanisa kwayo emgwaqweni uChe Guevara - owawaziwa ngoMoore Road - ngemijondolo kaseyili noplastiki.

Sekuphele amasonto amathathu le milutha elinganiselwa ku-200 edle owodwa wemizila yalo mgwaqo. Kuwona yakhe imijondolo, ethikameza abashayeli bezimoto, abaphoqeleke ukuthi basebenzise eminye.

IMILUTHA yewunga esivimbanise emgwaqweni uChe Guevara (Moore Road) enkabeni yeTheku

Image: DOCTOR NGCOBO

Phakathi kokunye okuthikameza abashayeli abasuke bezojoyina lo mgwaqo besuka emgwaqweni u-M4, ukuthi eminye yale milutha inkanisa ngaserobhothini, nokwenza kube nzima ukuthi abashayeli bamele irobhothi uma livaliwe ngenxa yovalo lokushaywa kwamawindi ezimoto, bese bebanjwa inkunzi. 

Okhulumela amaphoyisa kaMasipala weTheku, uColonel Boysie Zungu, uthe njengoba selulethiwe ezindlebeni zabo udaba lokuvalwa komgwaqo, bazalusukumela.

“Sizotshala amaphoyisa ukuthi abhekane nabo,” kusho uZungu.

IMILUTHA yewunga esivimbanise emgwaqweni uChe Guevara (Moore Road) enkabeni yeTheku

Image: DOCTOR NGCOBO

Nokho ukhale ngenkinga yokuthi amaphara bahlale bewasusa ngapha, avumbuke ngapha.

“Sisuka kude nawo. Uzokhumbula ukuthi ake aba se-Albert Park, ku-M4. Uwajaha ngapha, bahlakazeke bahambe, ngakusasa bahlangane kwenye indawo,” kusho uZungu.

Uthe umasipala uphezu kwayo imizamo yesixazululo sesikhathi eside.

“Umasipala wayithola indawo ngapha eningizimu yeTheku, kumanje kuyaqhubeka ukwakha kuleyo ndawo. Siyacabanga ukuthi uma sekuphothuliwe ukwakhiwa kwaleso sakhiwo siyobe sesikhona isisombululo,” usho kanje.

Ubalule ukuthi inkinga yamaphara idinga ukubambisana kwezinhlaka ezehlukene okukhona khona imindeni lapho kuvela khona laba bantu abagcina behlala emgwaqweni, uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi nezinye. 

Maphakathi nalo nyaka, Isolezwe like labhala udaba ngesikhungo sokugcina imilutha yewunga esakhiwayo eLower Ilovu, ngaseManzimtoti. Nokho udaba lwakhona lwalumayelana nokuthi umphakathi wakule ndawo wawubhikisha, uthi awukufuni ukwakhiwa kwalesi sikhungo endaweni yawo. Wawukhala ngokuthi kuzonyuka izinga lobugebengu endaweni uma imilutha yewunga izogcinwa endaweni yawo. Ngokombiko kamasipala, le ndawo kwathiwa izoba nemibhede ebalelwa ku-450.