Izindaba

Inhlangano yabangcwabi nengqungquthela yokubhunga ngezinkinga

Nkosikhona Cele|Published

USIHLALO wenhlangano uNkk Cyntia Shangase

Image: SITHUNYELWE

KUZOBHUNGWA ngezinto ezahlukene engqungqutheleni yenhlangano yabangcwabi, iCombined Nations Funeral Palours Association ezothatha izinsuku ezimbili ezigcwele.

Le ngqungqutheka izokube iqhubeka ePort Edward Holiday Resort, ePort Shepstone, ogwini oluseningizimu yesifundazwe KwaZulu-Natal, ngoNovemba 11 kuya ku-12.

Loyo ongusihlalo wale nhlangano, uNksz Cynthia Shangase, uthe ngale ngqungquthela bahlose kakhulu ukuthi banikeze ithuba eliyingqayizivele abangcwabi lokuthi bagonyuluke ngezinto ezibahlalise lubhojozi kulo mkhakha. Phakathi kokunye, athe bazobhunga ngakho kabanzi yindlela enesithunzi yokwenza umngcwabo.

Uthe batholile ukuthi abanye abangcwabi bahluleka bancame ukwenza umngcwabo ngendlela efanele nenikeza isithunzi kumufi kanjalo neletha induduzo kofelwe.

''Ayikho into emqoka njengokuqinisekisa ukuthi abantu bathola umngcwabo osezingeni eliphezulu futhi obafanele. Lokhu siyakukhuthaza kakhulu kule nhlangano,'' usho kanjena.

Uthe uma kumele banikezele ngoqeqesho kwabanye babangcwabi, lokho kungahlelwa ngoba akufanele kube khona izikhalazo abazitholayo ngokungangcwabeki kahle. Okunye athe kuzobhungwa ngakho kabanzi kule ngqungquthela yindaba yokuncipha kwezindawo zokungcwaba.

Uthe lolu wudaba olubucayi kakhulu okungamele abangcwabi balushalazele.

''Lena yinkinga sonke njengabangcwabi okumele senze konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi liyatholakala ikhambi lakhona. Iqiniso ukuthi lena yinkinga enkulu kakhulu esizithola sibhekene nayo futhi esingazi nokuthi sizoyinqoba kanjani,'' echaza.

Uthe ukholwa ukuthi sizokwehla isibalo sezikhalazo ngemuva kokuba sebenikezele ngoqeqesho kulabo abaludingayo. Kuvelile nokuthi le nhlangano izophinde igubhe ukuhlanganisa kwayo amalungu angu-450 akhona ezingxenyeni ezahlukene zezwe.