Izindaba

Baphaka impi elwa nokubhilita kwesihlava sokugembula

Mhlengi Shangase|Published

Ukugembula

Image: Gerry Cupido / Gemini

BAVUBA impi abayibhekise eMnyangweni wezoHwebo neziMboni kuleli, ukuze ufake imigomo eqinile ezolawula ukugembula kuleli.

Lokhu kugqame ngesikhathi kunempikiswano ePhalamende, lapho amaqembu ezombusazwe evumelene ngo-elethu, ukuthi kumele kuqiniswe imigomo yezokugembula ngenxa yokucwila kwabantu bakuleli, ogibeni lokugembula.

UMnuz Makashule Gana oyilungu lePhalamende elimele iRise Mzansi, okunguye ophakamise ukuthi kubhungwe ngeyokugembula kuleli, uthe isifana nesihlava esihlasele ezweni eyokugembula kwabantu.

Uthe abantu sebegembula kwamali abangenayo njengoba abanye besebenzisa isikweletu, abanye besebenzisa nama-overdraft.

"Sifuna kube nemigomo eqinile ezoshaywa ngumnyango ngendaba yokugembula. Sinamaphuzu esiphusha ngawo lo mkhankaso ngoba abantu bakithi bacwile kule nkinga," usho kanje.

Ukhale ngokuthi abantu bakuleli bachithe u-R1.5 trillion ekugembuleni nyakenye.

Uveze nokuthi ucwaningo luveza ukuthi nezitshudeni kanjalo nabafundi bangene shi ekugembuleni njengoba sebegembula nemali yeNSFAS, abanye bagembula ngemali yesondlo sabantwana esidume ngeqolo.

"Sifuna kuncishiswe izikhangiso ezithinta ukugembula, kunyuswe intela ezinkampanini zokugembula, kutshalwe imali ethe xaxa ezinhlelweni ezigqugquzela abantu ukuthi bagembule ngendlela esemthethweni. Kumele kuqiniswe imigomo, kungavunyelwa ukugembula ngesikweletu, kuvalwe izinkampani ezingenayo imvume yokugembula kuphinde kubekwe neminye imigomo kosaziwayo abasetshenziswa ukukhangisa ukugembula kanjalo nokuxhaswa kwezemidlalo. Lawa ngamanye amaphuzu esiyowaphakamisa emnyangweni ngoNovemba 14, 2025," usho kanje.

Uthe bazoqale baye engqungqutheleni ethinta ukugembula lapho beyotshela ezikabhoqo izinkampani zokugembula ngezinto okumele zizenze kuleli, waveza ukuthi lezi zinkampani zichitha enkulu imali zikhangisa ukugembula okwenza ngisho izingane ezincane zihlale zibukana nalezi zikhangiso.

"Iyakhathaza ukuthi nsuku zonke uthi uvula iselula uzithele ezikhangisweni zokugembula. Ngisho ubuka ithelevishini noma usesikhumulweni sezindiza, yiso leso." 

UMnuz Visvin Reddy weMK uthe ukhathazekile ngabagembula imali yempesheni ngokuya ema-casino bafike badliwe.

"Nemali eningi eyenziwa yizinkampani ngokugembula iya kwamanye amazwe, okwenza kucebe abantu bakwamanye amazwe ngosizi lwabakuleli. Siyazigxeka nezikhangiso ezigcwele ngisho ezikhumulweni sezindiza kuleli." 

UMnuz Sinawo Thambo we-EFF, ugxeke amanye amaqembu asePhalamende axhaswa ngabantu abayingxenye yezinkampani ezigembulayo.

Uthe la maqembu agcina esevikela laba baxhasi ngoba ahlomula ngemali kubona.

UMnuz Nqabayomzi Kwankwa we-UDM, ugxeke uhulumeni ngokuhluleka ukuvuselela umnotho ukuze abantu bangahlupheki, wathi kunosopolitiki abahlomulayo abangafuni kube nemigomo eqinile.

UNkk Nobuntu Hlazo-Webster weBosa, uthe izwe libhekene nesihlava ngakho kumele kunyuswe intela ethinta ukugembula.

"Kumele kuvalwe izikhangiso ezithinta ukugembula ngaphambi kokuthi kushaye u-10 ebusuku. Asifuni lezi zikhangiso zibonwe yizingane." 

UMnuz Mzwandile Masina we-ANC, ukhale ngokuthi amanye amaqembu avimba ukuthi kube nezichibiyelo emigomweni ethinta ukugembula.

Uthe bayahambisana nokuthi kumele kulawulwe izikhangiso ezithinta ukugembula.