Izindaba

Uboshiwe ongqongqise intombi, wagenca indodakazi endala ngaphambi kukodlwengula encane eFilidi

Nonkululeko Nhlapo|Published

Uyathuthumela umphakathi waseFilidi ngesenzo somlisa ohlasele intombi nezingane zayo washiya kukhalwa

Image: Sigciniwe

Ukusukumela phezulu kwamaphoyisa ophiko lwe-Vryheid K9 namaphoyisa aseHlobane sekuholele ekuboshweni kwendoda eneminyaka engu-48 ubudala.

Le ndoda iboshwe ngemuva kokukhonjwa ezenzweni esihlasimulisa umzimba njengoba isolwa ngokushisa intombi yayo eneminyaka engu-41 ubudala yaze yashona, yagenca indodakazi kamufi, 28, ngembazo ngaphambi kokuba idlwengule  enye indodakazi kamufi eneminyaka engu-13 ubudala, esiqiwini saseShanelweni eNgome 2 ekuseni ngoLwesine.

Imibiko iveza ukuthi intombazane, 13, ibilele nodadewabo omdala ngesikhathi ivuswa umsindo emnyango ngezithuba zabo-01:00 ngoLwesine ezintatha.

"Ithe ivula yabona ukuthi yesoka likanina, lingene lagenca udadewabo ngembazo, ngesikhathi izama ukumsiza udadewabo, umsolwa udonse yona wayihudula ephuma nayo Waze wafika ehlathini," kusho amaphoyisa ngesitatimende.

Esamdonsa, umgilwa ubone kushunqa intuthu elawini likamama wakhe. "Umsolwa umhudulele ehlathini eliseduze nokuyilapho amdlwengulele khona."

Ngesikhathi ethola lolu lwazi amalungu e-Vryheid K9 esebenzisana namaphoyisa esiteshini saseHlobane aqhube uphenyo lokulandela umkhondo walo mlisa oholele ekuboshweni kwakhe endaweni yaKwaMnyathi.

Umsolwa ubhekene necala lokubulala, ukuzama ukubulala kanye nokudlwengula, kanti uzovela eNkantolo yeMantshi yaseLouwsburg ngoLwesihlanu, 7 November 2025.