Othisha abayisipoki
Image: Courtney Africa/Independent Newspapers (Archives)
UMNYANGO weMfundo eyisiSekelo usuchithe imibiko engamampunge esabalele yokuhi kudingeka kukhokhwe imali ohlelweni lokuhlonza abasebenzi abayizipoki.
Lo mnyango usemkhankasweni wokuthola othisha abayizipoki ukuze kwehliswe umthwalo wemali ekhokhelwa abasebenzi. Akuhlonzwa kuphela abasebenzi ikakhulu othisha, kodwa nabafundi.
UMnuz Terence Khala wezokuxhumana emnyangweni, uthe kunemiyalezo esabalele eveza ukuthi othisha kudingeka bakhokhe u-R350, ukuze babhekwe ngaphansi kwalolu hlelo.
Uthe le mibiko ayilona iqiniso wathi ihlose ukudukisa abantu.
"Ihlose nokuqola abasebenzi abanganakile ikakhulu othisha. Sifuna ukulibeka ngembaba elokuthi akukhokhwa nhlobo ukuze kubhekwe ukuthi uqashwe ngokusemthethweni emnyangweni."
Uthe uhlelo lokuhlonza abasebenzi lwenziwa ukuze kubhekwe ukuthi kukhokhelwa abantu abafanele yini.
"Abafuna imali kumele babikwe ngokushesha ukuze baboshwe. Uhlelo lokuhlonza abasebenzi lwenziwa ezifundazweni."
Uthe basebenzisana nezinhlaka ezehlukene ukuzama ukuthola abafafaza izinto ezingelona iqiniso.
"Sinxusa nomphakathi ukuthi uqale uyibheke into oyisabalalisayo ngoba kungenzeka ukuthi ayilona iqiniso. Asifuni baphazamiseke abasebenzi emsebenzini abawenzayo wesizwe."
Khonamanjalo uKhala ubuye wachitha nendaba yokuthi kuzolulwa isikhathi sokusebenza kwabasizi bothisha ezikoleni zakuleli.
Uthe izinkontileka zabasizi ziphela ekupheleni kwale nyanga.
"Asikho isinqumo esithathiwe sokuthi kululwe izinkontileka zabasizi bothisha ezikoleni. Izinkontileka zabo ziphela ekupheleni kukaNovemba," usho kanje.
Ubonge umsebenzi omuhle owenziwa abasizi nsuku zonke ezikoleni.
"Basize ngokwehlisa umthwalo kothisha, banika nabafundi ulwazi oluthe thuthu. Sibonga asiphezi ngomsebenzi wabo."
Abafuna ukubika noma ukubheka ubuqiniso bento ethile bangashayela enombolweni yamahhala yomnyango ethi: 0800 202 933.
Bangaya nakwi-website yomnyango ethi:www.education.gov.za.
Bangavakashela nasezinkundleni zokuxhumana ku:@DBE_SA, ku-X (Twitter), Facebook, Instagram, naku-YouTube.
Related Topics: