KUSALE kunje esikoleni okugqekezwe kwashiswa amakilasi eMpolweni Secondary
Image: SITHUNYELWE
AMANYE amakilasi ashiswe esikoleni iMpolweni Secondary
Image: SITHUNYELWE
AKUZOPHAZAMISEKA ukubhalwa kwezivivinyo zika-matric esikoleni esigqekezwe kwaphinde kwashiswa amanye amagumbi okufundela, iMpolweni Secondary, esifundeni uMgungundlovu izolo ekuseni.
UMphathiswa wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka, usigxeke kakhulu lesi sehlakalo njengoba senzeke ngesikhathi abafundi bematasa nezivivinyo zabo okubalwa nezika-matric.
UHlomuka uthe umbiko abawutholile ngukuthi kugqekezwe kwebiwa izinto kwase kushiswa amanye amakilasi.
"Kugqekezwe emahhovisi kwebiwa kwase kucekelwa phansi impahla. Kushiswe namanye amakilasi kanti siyasigxeka lesi senzo sobugebengu esifana nokuhlasela ikusasa labafundi," usho kanje.
UMPHATHISWA wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka
Image: file picture
Uthe ihholo lesikole alithintekanga wathi abafundi bazoqhubeka babhalele kulona izivivinyo zika-matric.
"Azikho izigameko ezizosivimba ekutheni siqhubeke nezivivinyo ezikoleni zethu. Yihlazo elenziwe abacekele phansi isikole ngokuthi basishise ikakhulu ngesikhathi kubhalwa."
Uthe lesi sehlakalo siphuca abafundi izinsiza ezimbalwa abanazo kanti siphinde sifake umnyango ezinkingeni zemali.
"Sinxusa abezinhlaka zokuphepha ukuthi babambe abenzi bobubi. Sifuna babhekane nengalo yomthetho baphinde baphoqwe ukuthi bakhokhiswe imali ngomonakalo abawenzile."
Uveze ukuthi basebenzisana namaphoyisa baqinisa ezokuphepha ezikoleni.
"Sinxusa nemiphakathi okubalwa nabaholi bomdabu ukuthi bayisukumele eyokuphepha kwezikole ngokuthi kuboshwe abacekela phansi izikole. Ababoshwe abasemkhankasweni wokucekela ingqalasizinda yezemfundo," kusho uHlomuka.
Uthe imiphakathi ayiyeke ukuthula ivikele izigebengu ezenza izinto ezifuze lezi.
"Uma wazi owenze lokhu kodwa ukhethe ukuthula, uyafana nomunye wabantu abacekela phansi ikusasa lezingane. Phumela obala uma wazi ukuze kubanjwe izigebengu."
Kwenzeka lokhu nje, namhlanje abafundi baka-matric babhala iphepha lesibili lesiZulu ekuseni kuthi ntambama babhale iphepha lokuqala leBusiness Studies.
Izolo u-matric ubhale iReligion Studies neMechanical Technology.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseNew Hanover aphenya icala lokugqekezwa kwesikole.
Uthe umbiko abawutholile ngukuthi abasolwa basuse baphinde bacekela phansi i-ceiling board, bangena ngaphakathi base beba izinto.
Uveze ukuthi basaphenya ngalesi sehlakalo kanti akukaboshwa muntu.
Related Topics: