Izindaba

I-SACP iqinisekise ukuhlakazwa kobuholi baseKZN

Mhlengi Shangase|Published

UMHOLI weSACP eKZN, uMnuz Themba Mthembu

Image: Independent Media Archives

PHEZU kokuba ubuholi beSACP kuzwelonke sebuveze kwabezindaba ukuthi sebuhlakaze ubuholi baKwaZulu-Natal ngenhloso yokubuqinisa, kodwa abaholi bakulesi sifundazwe bathi akukho abasakutholile okuvela ekomkhulu okukhomba ukuthi sebuhlakaziwe.

Lokhu kushiwo ngobengunobhala weSACP esifundazweni, uMnuz Themba Mthembu, othe kusanezingxoxo eziqhubekayo.

Usho lokhu nje uDkt Alex Mashilo, ilungu leCentral Committee yeSACP, utshele abezindaba bethelevishini kwaSABC, ukuthi babuhlakazile ubuholi baseKZN.

Uthe umhlangano wesigungu esiphezulu esithatha izinqumo kwiSACP, iPolitburo, unqume ukuthi buhlakazwe ubuholi.

Uveze ukuthi kulo mhlangano baxoxe nangezinye izinto ezehlukene ezithinta umnotho, ezombusazwe kanjalo nezithinta le nhlangano.

"Sibone ukuthi kukhona lapho kuntenga khona ebuholini baseKZN, kwase kunqunywa ukuthi buhlakazwe ubuholi ukuze buqiniswe. Kuthathwe lesi sinqumo ngemuva kokubheka ukuthi kungaqiniswa kuphi enhlanganweni okuyinto eyenzeka kuzona zonke izifundazwe," kusho uMashilo.

Uthe yingakho bebone ukuthi kumele babuhlakaze ubuholi baseMoses Mabhida (okuyiKZN).

"Sinezinhlelo ezikhona njengoba kulungiselelwa iProvincial General Council nengqungquthela yesifundazwe," kusho uMashilo.

UMthembu utshele Isolezwe ukuthi bazobiza isithangami nabezindaba maduzane, lapho bezokhuluma kabanzi khona.

Kuke kwavela imibiko yokuthi ubuholi baseKZN beSACP buhlakazwe ngoba kuthiwa bushaya amakhala ngesinqumo sokuthi kulaxazwe i-ANC okhethweni, njengoba iSACP izolungenela ngokuzimela.

Selokhu le nhlangano yamemezela eyokungenela ukhetho ngokuzimela, kunokubhekana ngeziqu zamehlo njengoba amanye amalungu eSACP ekhala ngokukhishwa inyumbazane amalungu e-ANC.

Ekhuluma ngesikhathi kwethulwa umkhankaso i-Red October eNorth West ngeSonto, uNobhala jikelele weSACP, uMnuz Solly Mapaila, uthe abajiki futhi bayaqhubeka nokungenela ukhetho ngokuzimela.

UMapaila ucacise ukuthi lesi sinqumo akusona esakhe kodwa esenhlangano.

Uveze nokuthi akekho umholi weSACP ongaguqula isinqumo ngaphandle kwengqungquthela ezoba ngo-2027.

ISACP yanquma ukuphuma ibhodwe layo ikhala ngokuthi kuze kube yimanje ayibuyekeziwe eyamandlelandawonye ahlanganisa ne-ANC.

Yaphinde yakhala nangokuthi ayizange ifakwe ezingxoxweni ngesikhathi i-ANC inquma ukuthi kube nohulumeni wokubambisana kwamaqembu iGNU, emuva kokubhacaza okhethweni njengoba ingayizwa eyokusebenzisana ne-DA.

UNobhala jikelele we-ANC uMnuz Fikile Mbalula, wathi kuzocaca kungakapheli unyaka ukuthi bazokwenzenjani ngeSACP ezongenela ukhetho ngokuzimela.

UMbalula lapho ehlala ekhuluma khona uyakuveza ukuthi i-SACP ayinamandla okuwina ukhetho njengoba ngisho okhethweni lokuchibiyela ingatholi amavoti amaningi.

Okunye ahlale ekuveza ngukuthi yize kunjalo kodwa bayayidinga ikakhulu ngalesi sikhathi esinzima behlelwa wukwesekwa.