Mnuz Masego Sheburi
Image: IEC / Facebook
KUSUKA ngo-Ephreli 30, 2026, ngeke zisavalwa izikhala zamakhansela emawadini kuleli uma kwenzeka esula ezikhundleni noma edlula emhlabeni ngenxa yokuthi kuzobe sekulungiselelwa ukhetho.
Lokhu kusho ukuthi lezo zikhala zizohlala kanjalo kuze kube kubanjwa ukhetho, oluzoba phakathi kukaNovemba 2026 noJanuwari 2027.
UMnuz Masego Sheburi, ibamba lesikhulu esiphezulu seKhomishini yezoKhetho kuleli, uthe kusuka ngo-Ephreli kulo nyaka, sebebe nokhetho lokuchibiyela ezweni lonke emawadini angu-57.
Uthe isibalo esiphezulu sibe se-Eastern Cape naseGauteng.
"Umthetho uthi kumele sibambe ukhetho lokuchibiyela ezinsukwini ezingu-90, kuvuleke isikhala ewadini. Kodwa ngenxa yokuthi kuzoba nokhetho lohulumeni basekhaya, lokhu kusho ukuthi ngeke sisakwazi ukuba nokhetho lokuchibiyela uma kwenzeka kuvuleka izikhala kusuka ngo-Ephreli 30, 2026," usho kanje.
Uthe kodwa amakhansela ama-PR, wona alukho usuku olubekiwe lokuthi zingavalwa izikhala zawo njengoba kuzoba nokhetho.
"Izikhala zamakhansela angama-PR zingavalwa kuze kubanjwe ukhetho. Kusuka ngo-Ephreli kulo nyaka kuya ku-Okthoba, sekuvalwe izikhala zamakhansela angama-PR ezingu-183. Ngonyaka ikhomishini ivala izikhala zamakhansela angama-PR ezingu-377."
Uveze nokuthi kuneziphakamiso abazenzile abazozethula ekomitini loMnyango wezaseKhaya ePhalamende ingakapheli le nyanga.
Ezinye zeziphakamiso ezokuthi kuchitshiyelwe umthetho wezokhetho abazozenza, ngukuthi kukhishwe ohlwini lwamaqembu abhalisiwe uma ehluleka ukwazisa ikhomishini kusanesikhathi ukuthi ayaqhubeka nokubhaliswa.
USheburi uveze nokuthi bathole umbiko kwiMunicipal Demarcation Board (MDB), mayelana nokuhlelwa kabusha kwamawadi ngaphambi kokhetho.
"Uhlu lokugcina lwamawadi luzomenyezelwa emcimbini ozoba ngenyanga ezayo. Lokhu kuzokwenza ukuthi ikhomishini ikwazi ukuhlabela phambili nezinhlelo zokuhlelela ngendlela ukhetho. Kubalulekile ukuthi abavoti bazibheke ukuthi imininingwane yabo ayishintshile ethinta amawadi uma esebuyekeziwe," usho kanje.
Uthe lokhu kubuyekezwa kwamawadi kungaba nomthelela kubavoti abazozithola ukuthi sebengene ngaphansi kwenye iwadi kunale abebekuyona phambilini.
Related Topics: