Izindaba

Bafuna kushushiswe othisha abalale nabafundi yize sebehlawulile

Mhlengi Shangase|Published

JOY Maimela

Image: Ayanda Ndamane/Independent Newspapers

BAFUNA ziqhubeke izinhlelo zokushushisa okanye ukuphenya othisha abasolwa ngokulala nabafundi ngisho noma kuthiwa abazali babafundi sebethole inhlawulo kosolwayo.

Lokhu kushiwo amalungu ekomiti loMnyango weMfundo eyisiSekelo ePhalamende, azwakalise ukukhathazeka ngokuthi abanye abasuke begile le mikhuba, bagcina sebephunyuka ogibeni  lomthetho ngoba sebekhokhile.

Emhlanganweni obusePhalamende obuhlanganisa umkhandlu olawula othisha kuleli, iSouth African Council for Educators, nomkhandlu okubhungwa kuwona izindaba zothisha i-Education Labour Relations Council (ELRC), kuvele ukuthi abanye abazali bayawahoxisa amacala ngoba kusuke kukhona abakutholile.

Amalungu athe kumele lo mkhuba uqedwe ngoba yizingane eziyizisulu.

Usihlalo wekomiti, uNksz Joy Maimela, uthe kumele kuqiniswe imizamo yokulwa nesihlava sothisha abalala nabafundi.

Uthe embikweni abawutholile kuvele ukuthi awu-469 amacala athinta othisha abalala nabafundi, ayesezandleni ze-ELRC kusuka ngonyakamali u-2018 kuya ku-2024.

Kulawa bangu-176 othisha abalahlwa amacala, amagama abo ayiswa eMnyangweni wezeNhlalakahle nakwi-SACE ukuze bafakwe ohlwini lwabantu asebeke bahlukumeza izingane.

"I-SACE iyona ebe isinquma mayelana nokuthi umuntu afakwe ngaphansi kohlu lokuthi  angaphinde asebenze kowezemfundo kuleli. Kunabanye othola ukuthi phezu kokuba sebefakwe ohlwini kodwa bavumbuka kwezinye izifundazwe," usho kanje.

Uzwakalise ukudumala ngokuthi abanye abazali "badayisa ngezingane zabo" njengoba bamukela imali bese bephoqa ukuthi amacala ahoxiswe.

"Yingakho amalungu ethe kumele noma abazali sebehoxisa amacala kodwa izinhlaka zomthetho ziqhubeke nophenyo kanjalo nokushushiswa kothintekayo ngisho noma bengavumi abazali. Lokhu sikuphakamisa ngoba asifuni abagilwa bahlukumezeke ngoba bengabutholi ubulungiswa," usho kanje.

UNksz Ella Mokgalane oyisikhulu esiphezulu seSACE, uthe bayabahlola othisha ngaphambi kokubanika imvume yokusebenza kuleli, wathi babheka ukuthi abakaze balahlwe amacala nokuthi abekho ohlwini lwabantu abake balahlwa amacala okuhlukumeza izingane.

UNobhala Jikelele we-ELRC, uNksz Cindy Foca, uthe imiNyango yezeMfundo ezifundazweni yiyona eqondisa ubugwegwe othisha abaphuma endleleni.

Uthe umnyango kazwelonke awunawo amandla okwenza lokhu ngoba othisha baqashwe yizifundazwe.

Amalungu athe kumele ibhekisiswe indaba yokuthi babekwe amacala othisha abalala nabafundi ngoba basuke bebancane.

UNksz Maimela uthe izisulu zabafundi yizona okumele zibekwe phambili futhi zivikelwe nguhulumeni yingakho kumele kuqiniswe imithetho ekhona ukuze bavikeleke.