Umengameli Cyril Ramaphosa ephendula imibuzo ePhalamende
Image: X/GCIS
UMENGAMELI Cyril Ramaphosa usekhombe ngenjumbane abaqashi abaqasha abantu bokufika abangenawo amaphepha afanele okuba kuleli, wathi abawuyeke lo mkhuba.
Uthe abantu bakuleli bacasukile ngalesi senzo ngoba bakholwa ngukuthi yibona okumele ngabe benza le misebenzi.
"Siyabaxwayisa abaqashi ukuthi balandele umthetho, bayeke ukuqasha abantu abangenawo amaphepha afanele. Hhayi ngoba silwa nabantu bokufika kodwa sifuna babe kuleli ngokusemthethweni. Abantu bakuleli abakwazi ukumane baye kwamanye amazwe bayofuna imisebenzi bengenazo izimvume zokuba kulelo lizwe," usho kanje.
Uthe abaqashi abenza lokhu bangazibona beboshwa noma bakhokhe inhlawulo.
"Abantu bakuleli bacasuka bebona engozini yebhasi okwashona abantu ababeya eMalawi, kugcwele imithi abayithatha kuleli beya kwamanye amazwe. Abantu bokufika abangenawo amaphepha banciphisa izinsiza zezwe," kusho uRamaphosa ephendula imibuzo ePhalamende.
Uhlabe ikhwelo lokuthi mabangahlaselwa abantu bokufika kuleli ngoba ikhona imikhankaso yokulwa nokufohla kwabo futhi babuyiselwa emazweni abo.
Uveze nokuthi kuzothulwa umkhankaso wokulwa nesihlava sezimpi zamagenge ezigcina ngokuthi kufe inqwaba yabantu okuyinto ekhathaza kakhulu uhulumeni.
Uthe bakhathazekile ngale nkinga yamagenge wathi uhlelo abeza nalo luhlose ukuqeda ngayo.
"Amaphoyisa amatasa akha uhlelo lokulwa nale nkinga yamagenge. Sikhathazekile ngezifundazwe okudlange kuzona le nkinga okuyiseWestern Cape, Eastern Cape, Gauteng naKwaZulu-Natal," kusho uRamaphosa.
Uthe ngeke bazishiye ngaphandle nezinye izifundazwe kodwa bazogxila kwazibalile ngoba inkinga yokufunwa ngodli imali kosomabhizinisi okwenziwa amagenge ezigebengu, idlange kakhulu kulezi zifundazwe.
"Sizosebenzisa nobuchwepheshe ukulwa nale nkinga. Amanye amazwe alwe nale nkinga ngempumelelo, nathi sihlose ukusiqeda lesi sihlava. Sinxusa ukuthi kube nokubambisana ukuze abantu baphephe."
Uthe amaphoyisa awakwazi ukulwa le mpi ewodwa.
"Kwesinye isikhathi silindela ukuthi amaphoyisa enze imilingo. Muningi umsebenzi osezandleni zawo ekubeni umphakathi usuke wazi ngobugebengu obenzekayo lapho uhlala khona," kusho uRamaphosa.
Uthe basemkhankasweni wokuvala izikhala ezivulekile eziteshini zamaphoyisa.
"Sihlose ukwandisa amaphoyisa azolwa nobugebengu, hhayi azohlala emahhovisi. Kuke kwaba nesikhalo ngokuthi mancane amaphoyisa ekubeni sanda isibalo sabantu."
Related Topics: