UMUFI, uNksz Princess Mthethwa okuthiwa ubulawe yisoka lakhe
Image: SITHUNYELWE
IKHULUNYELWA emakhoneni eyowesilisa waseNtshawini, KwaDukuza, okuthiwa ugwaze ephindelela unina wezingane zakhe abehlala naye emqashweni, wambulala enengwa ukuthi kade ewasha izingubo zengane yowesilisa ongumakhelwane wakhe.
Isolezwe lithole ngomthombo walo ukuthi umufi, uNksz Princess Mthethwa (31), ugwazwe kabuhlungu yisoka lakhe ngoMgqibelo okuthiwa livele lavuka indlobane limbuza ngokuwasha kwakhe izingubo zengane yowesilisa ongumakhelwane.
Kuthiwa umsolwa ngemuva kwalokho uzinikele emaphoyiseni. Kuvela ukuthi inyantisa igazi indlela umufi abulawe ngayo.
UMnuz Siboniso Msomi, ongumfowabo kamufi, uthe bayathuthumela kakhulu ngokwenziwe ngumlamu wakhe.
Uthe bathole ukuthi umsolwa ugwaze umufi amanxeba angu-10 umzimba wonke.
"Bekukhona amanxeba ezingalweni okukhombisa ukuthi ubezama ukuvika udadewethu ngesikhathi emgwaza. Bekukhona namanye amanxeba ajulile," echaza.
Uthe ummese abewushiye emqaleni kumufi uze wakhishwa ngamaphoyisa esefikile endaweni yesigameko. Kuthiwa ngenkathi esembulele uphume egijima egcekeni egcwele igazi, kwathi uma ehlangana nomunye embuza ukuthi kwenzekanjani wagcwala igazi waphendula ngokuthi akazwani nabantu abachwensayo.
Eqhuba uMsomi uthe lesi simo sibashiye bekhungathekile kakhulu ngenxa yokuthi bebemethemba kakhulu lo wesilisa futhi esefana nelungu lomndeni.
"Usbari ubefika lapha ekhaya uma sinemicimbi. Ubesefana nje nomuntu walapha ekhaya. Asikaze sicabange nje ukuthi ngelinye ilanga angagcina enza into eyisihluku esinjena enganeni yakwethu," usho kanjena.
Uveze ukuthi laba bese kuphele isikhathi eside bethandana futhi banezingane ezine. Ukhale ngesihluku athe sikhonjiswe yilo wesilisa.
Uthe okubazwise ubuhlungu kakhulu ukufica ingane engumagcina wabo yomfana eneminyaka emine ihlezi eduze nesidumbu isigcwele igazi idane ivusa unina icabanga ukuthi ulele uzovuka.
"Ingane ibidane imvusa ingazi ukuthi lo muntu emvusayo useshonile," usho kanjena.
Isolezwe lithole ukuthi ingxabano yalezi zithandani kube wukuthi owesifazane athole itoho lokuwasha izimpahla zengane encane yakwamakhelwane. Kuthiwa owesilisa uvukwe yisikhwele wathi uwasha izimpahla zengane yenye indoda, wamjuqa ngommese.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu Natal, uLieutenant Colonel Paul Magwaza usiqinisekisile isigameko. Uthe amaphoyisa KwaDukuza abophe owesilisa oneminyaka engu-31 ngemuva kokuba egwaze wabulala owesifazane oneminyaka efanayo.
"Lo wesifazane ubenamanxeba amaningi emzimbeni wonke. Okwamanje asikaziwa isizathu sokubulawa kwakhe. Lo wesilisa kulindeleke ukuthi avele enkantolo yaKwaDukuza maduzane nje ngaleli cala," usho kanjena.
Related Topics: