Izindaba

Kuthungathwa abathumbe badlwengula onogada basemtholampilo

Nonkululeko Nhlapo|Published

Umphakathi waseBityi usakhungathekile ngokuhlaselwa konogada ababili emtholampilo wendawo

Image: Facebook

Amaphoyisa aseBityi e-Eastern Cape acela noma ngubani ongaba nolwazi olungasiza ekuthungatheni abasolwa abadubule babulala unogada wesifazane, 28. Uzakwabo wesifazane, 48, usindile kulesi sigameko kodwa usesimweni esibucayi esibhedlela.

Isigameko senzeke ngase-Xhwili Clinic ngeSonto, 02 November 2025 ngabo-23:50, onogada bebesemsebenzini emtholampilo. Imininingwane etholakala emaphoyiseni iqinisekisa ukuthi onogada besifazane ababili bathunjwe egunjini lokusebenzela badutshulwa ngemuva komtholampilo endaweni evulekile.

Isidumbu sikamufi sitholwe sinqunu sinezinhlamvu ezimbili ekhanda ngesikhathi uzakwabo ephuthunyiswa esibhedlela ngemuva kwalokho.

Kuvulwe icala lokubulala, ukuzama ukubulala nelokudlwengula esiteshini samaphoyisa eBityi.

  • Noma ngubani ongaba nolwazi olungaholela ekuboshweni nokushushiswa komsolwa ngempumelelo kumele athinte iNhloko yabaseshi baseBityi, uDetective Warrant Officer Mlilo ku-083 688 6571 noma inombolo ethi #CrimeStop 08600 10111 noma athinte isiteshi samaphoyisa esiseduze.