Izindaba

Isinqumo kolwe-please call me ngemuva kweminyaka engu-17

Nonkululeko Nhlapo|Published

UNkosana Makate kuthiwa uvumelane neVodacom ngesinxephezelo kolwe-please call me

Image: Sigciniwe

Inkampani yezokuxhumana kuleli iVodacom noNkosana Kenneth Makate sebelixazulule icala le-Please Call Me, eselidonse iminyaka engu-17 ezinkantolo zaseNingizimu Afrika kusukela ngo-2008, ngenani elingadalulwanga.

"Udaba seluxazululwe yizinhlangothi zombili. Zombili izinhlangothi zijabule ngokuthi sekufike isiphetho mayelana nalokhu," kusho uVodacom esitatimendeni esishicilelwe  ku-JSE.

“NgoLwesibili mhla ka-4, ibhodi lakwaVodacom ligunyaze isivumelwano sokukhokha ibamba esibekiwe, udaba lwaxazululwa yizinhlangothi zombili ngaphandle kwenkantolo.”

IVodacom iveze ukuthi isinxephezelo sibaliwe emiphumeleni yesikhashana yale nkampani yezinyanga eziyisithupha eziphele ngomhla ka-30 kuSepthemba 2025, ezophuma ngomhla ka10 Novemba nonyaka.