saps
Image: Bongani Shilubane/IndependentNewspapers
KUKHALWE ngomdlandla owehlile emaphoyiseni, ukwanda kwesihlava sokubulawa kwamaphoyisa, ukushoda kwezinsiza kanjalo nesibalo esingenele samaphoyisa ngesikhathi kunomhlangano wasePhalamende.
Kulo mhlangano izinyunyana zamaphoyisa iSapu nePopcru, zitshele amalungu ekomiti lamaphoyisa ukuthi sibi isimo embuthweni.
Zithe amaphoyisa ayaqhubeka nokuzibulala osekuze kwadlulela nasekutheni abulale ozakwabo ngenxa yokhwantalala.
UMengameli wePopcru, uMnuz Thulani Ngwenya, uthe ziningi izinto angazibala ezihlupha amaphoyisa nsuku zonke.
Ubale nodaba lokungakhushulwa kwama-rank emaphoyiseni, okwenza amaphoyisa ahlale kwi-rank eyodwa iminyaka.
"Amaphoyisa abalelwa ku-160 000, ekubeni umphakathi wakuleli ungu-64 million. Amaphoyisa asebenzela ezindaweni ezingekho esimweni eziteshini. Kwezinye awakwazi ngisho ukuyozikhulula ngenxa yokuthi namanzi awekho. Ngonyaka, angu-6 000 amaphoyisa ashiya embuthweni, ekubeni kuthiwa kuqashwa angu-10 000," usho kanje.
Uthe amaphoyisa anokhwantalala kanti athwele bonke abantu bakuleli.
"Ayisukunyelwa ngendlela indaba yokufa kwamaphoyisa kuleli. Kumele ngabe yicala elikhulu leli kodwa kunakwa indaba yokuthi kwahlakazwa ithimba elalilwa nokubulawa kosopolitiki. Bonke abantu babalulekile kodwa kubukeka sengathi kubekwa phambili osopolitiki," usho kanje.
Uthe zikhona izindlela ezazisetshenziswa ukulwa nobugebengu obuhleliwe kuleli.
"Akumele kwehliswe isabelomali esithinta ukuphepha ngoba lokhu kushaya ngqo abantu abahluphekayo. Azikho izimoto zokuthi amaphoyisa aye emphakathini ayolwa nobugebengu kodwa kulokhu kwehliswa isabelomali," kusho uNgwenya.
UMnuz Peter Ntsime, iPhini lesibili likaMengameli weSapu, ukhale ngomdlandla ophansi emaphoyiseni.
Ubalule ukuthi ezinye izikhala zokhomishana bamaphoyisa kwezinye izifundazwe kazivaliwe, kunabantu ababambile kuzona.
"Bancane abantu abathemba amaphoyisa kuleli. Sibi kakhulu isimo embuthweni, kanjalo nendaba yezinsiza kusebenza yizona zinto esihlale sikhala ngazo," usho kanje.
UKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke, uGeneral Fannie Masemola, utshele amalungu ePhalamende, ukuthi bakwazile ukwehlisa ubugebengu phezu kwezinselelo ezikhona embuthweni.
Ubale izinto eziningi ezenziwe ngamaphoyisa kubalwa ukuhlakazwa kwezidleke zezidakamizwa ezifundazweni ezehlukene, ukubopha inqwaba yezigebengu ebezifunelwa amacala abucayi kanjalo nezinye izinto ezinhle ezenziwe amaphoyisa.
USolwazi Firoz Cachalia oyiibamba likaNgqongqoshe wamaPhoyisa, uthe izinto okukhalwe ngazo ziyalungiswa.
Ukhale ngokulahleka kwezibhamu emaphoyiseni athe zigcina zisetshenziswa ekwenzeni ubugebengu.
Related Topics: