Izindaba

Amaphoyisa ashaqe imoto kaMogotsi kuphenywa the kuhlaselwa kwakhe

Nonkululeko Nhlapo|Published

Imoto ebihamba uBrown Mogotsi ngoMsombuluko ebusuku

Image: Reaper Tactical / Facebook

Amaphoyisa akuqinisekisile ukuthi aphenya icala lokuzama ukubulala kulandela ukuhlaselwa kukasomabhizinisi uBrown Mogotsi eVosloorus, empumalanga yeGoli.

Okhulumela i-SAPS kuzwelonke uBrigadier Athlenda Mathe uthe ukuhlasela kwenzeke ngoMsombuluko ebusuku ngezithuba zabo-10:00.

"Ngezithuba zabo-10 ebusuku, sibizwe unogada ongaphansi kwenkampani ezimele, esibikela ngokuthi kunesigameko sokudubula endaweni. Sithumele ithimba lamaphoyisa, sathi sifika sathola unogada noMnuz Brown Mogotsi, obike ukuthi ubehlaselwa abantu abebehamba ngeveni elimhlophe kudutshulwa imoto yakhe,” kusho uMathe.

Uqhube wathi uMogotsi ukhuthazwe ukuthi avule icala kodwa utshele amaphoyisa ukuthi usahlukumezeke kakhulu.

"Uthe ubezizwa engaphephile. Usithembise ukuthi ngehora lesi-8 ekuseni uzoziveza esiteshini samaphoyisa eVosloorus ukuze avule icala ngokusemthethweni," kusho uMathe.

"Siphenya icala lokuzama ukubulala okwamanje, kanti sesiyithathile imoto. Ngesikhathi sithola umbiko ngezithuba zabo-10 ebusuku, sithumele ithimba longoti bezobunhloli ukuthi liqoqe ubufakazi obuphathekayo obuzosisiza ukuthi sixazulule leli cala nokuthi empeleni kwenzekeni lapha," kusho uMathe.