Izindaba

Sitholwe nezimbuzi ezifile namakhandlela anezinaliti isidumbu sobedukile

Zimbili Vilakazi|Published

UMNUZ Mlondi Jula

Image: SITHUNYELWE

USOLA ukuthi kwahlelwa ngaphambi kosuku lwesigameko ukubulawa kowesilisa waseWoza, KwaNzimakwe, eMargate, umndeni wakhe kulandela ukutholwa kwesidumbu sakhe sesonakele ngeledlule.

Isidumbu sikaMnuz Mlondi Jula (23) obenamanxeba okugwazwa ezindaweni ezibucayi emzimbeni, sitholwe wumphakathi namaphoyisa eCentocow, eCreighton, eduze komfula uMzimkhulu ngoLwesithathu ntambama.

Lapho esitholwe khona kuthiwa bekukhona nezimbuzi ezimbili ezibulewe, umswani wazo, amakhandlela ayimibalabala anezinaliti namabhayi ezangoma.

Umufi wagcina ukubonwa ephila ngo-Okthoba 22, ekhapha abesilisa abangontanga yakhe abaziwayo, okukhona kubo nongumakhelwane, ukuyogeza ngembuzi emfuleni uMzimkhulu.

Udadewabo kamufi, uNksz Noluthando “Thuwe” Jula elandisa ngokutholakala kwakhe, uthe amaphoyisa asesiteshini iCreighton abe wusizo olukhulu ekutheni bakwazi ukugcina bethole ithambo likamfowabo.

Uthe emva kokubona ukuthi kuhamba izinsuku engatholakali, banikele kubo kwentombi yoyedwa wabasolwa ukuba ibaphelezele kuyiwe kubo, kuyobhekwa ukuthi akekho khona, uma engatholakali, kwaziswe abazali bakhe ukuthi bahambe nomuntu maqede wangabuya, nabo banyamalala.

Uthe ngeshwa babuya kungekho okuphathekayo abakuthola ngaphandle kokuthi basizwe amaphoyisa aseCreighton athatha imininingwanee yabo ukuze abasize uma kukhona umkhondo ovelayo.

“Ngikhethe ukuthi ngibhale ezinkundleni zokuxhumana ukuthi silahlekelwe umfowethu, ngachaza indlela ahambe ngayo ekhaya, ngafaka isithombe sakhe, esabasolwa nesemoto,” kusho uNksz Jula.

Uthe bekungoLwesithathu ngesikhathi ethintwa nguSergeant Cebisa, athe nguye obe wusizo kakhulu emtshela ukuthi kukhona umkhondo othembisayo, abasondele nganeno.

“Nakuba sathatha isikhathi ukufika kodwa amaphoyisa kanjalo nabemoto yezidumbu, benza ubuntu, basilinda saze safika ngaphambi kokuba kuthathwe isidumbu. Ngenxa yokwethuka kakhulu, angisondelanga eduze kodwa abanye bomndeni bahamba bayobheka, baqinisekisa ukuthi nguyena ngempela,” kuchaza uNksz Jula.

Uthe isidumbu sitholwa nje, ngunina wowesilisa ongumngani woyedwa wabasolwa, olume amaphoyisa indlebe ethi le moto okuthiwa kufunwa umnikazi oduke nayo, isegcekeni lakwakhe.

“Uma echaza, uthi indodana yakhe yathintwa ngabasolwa ngo-Okthoba 23, bethi ayibasize bayolanda imoto ebhajwe ngayizolo ngasemfuleni. Indodana yalona wesifazane yafuna omunye wesilisa wendawo ukuthi alekelele ngemoto yakhe ukuze iyodonswa,” kusho uNksz Jula.

Uthe lona wesilisa wabasiza ukudonsa imoto kodwa waba nemibuzo yokuthi ibize ibhajwe emfuleni nje bekwenziwani, nakuba engagculisekanga ngencazelo yabo kodwa bamtshela ukuthi bebeyogeza.

Unina womngani wabasolwa uqhubekile, wathi isidonsiwe imoto, bebelokhu behamba ngayo endaweni izinsukwana, kwaze kwaba ingoLwesibili olwedlule, lapho abacele khona lona wesilisa  (indodana yalona wesifazane) ukuthi akabaphuthumise eMargate, ukuyobamba ibhasi eliya eGoli. Inombolo yendodana ewumngani wabasolwa kayitholakalanga.

“Bamshiye nayo imoto, bamyalela ukuthi athuthe ngayo izingane zesikole bese imali eyiletha kubo. Unina usebikela amaphoyisa ngoba ebona ukuthi le moto eshiywe endodaneni yakhe iyafana nale ezungeza ezinkundleni zokuxhumana okuvela ukuthi umnikazi wayo unyamalele, nayo ayaziwa ukuthi iphi,” kusho uNksz Jula.

UNksz Jula uthe akakholwa ukuthi baye eGoli ngempela abasolwa njengoba bebuye baveza ukuthi ibhasi eliya khona sebezoligibelela ePinetown.

“Ngisola ukuthi badukisa umkhondo, cishe basekhona lana esifundazweni,” usho kanje.

Uthe kubangcwabe bephila ukubulawa kukamfowabo, athe ubengesiye umuntu obeba nenxa nomuntu. Umchaze njengomuntu obehlale ezikhululekele.

“Ukubulawa kwakhe sisola ukuthi yinto abayihlela ngaphambi kokuba kuhanjwe. Bebazi ukuthi bayokwenza imikhuba emfuleni, base bekhetha ukuthi kube wuye umhlatshelo,” kusho uNksz Jula.

USihlalo weKwaZulu-Natal Traditional Healers Association (KZNTHA), uMnuz Thandonjani Hlongwane, uthe isenzo sabasolwa asihlanganise lutho nokugezwa kwabantu okujwayelekile, kodwa siwubuthakathi.

“Akubulawa muntu uma uyogeza emfuleni ngoba usuke uyokhipha isinyama noma uyozihlambulula amathunzi. Entweni ekanje, lapho kubulawa khona umuntu, kusuke kwenziwa imikhuba yokuganga kokunye efaka phakathi nokuthwala,” kusho uHlongwane.