Ummangalelwa uVuyokazi Gana
Image: Sithunyelwe
Linqatshelwe ibheyili iphini likathishanhloko, 52, e-East London, elisolwa ngokuhuga abesifazane abasebasha ukuthi badayise ngomzimba.
UVuyokazi Gana, wesikole samabanga aphansi, uvele eNkantolo yeMantshi yase-East London ngoMsombuluko.
Uboshwe ngasekuqaleni kwenyanga ka-Okthoba wuphiko loKlebe oluphenya ngobugebengu obuhleliwe, ngezinsolo zokushushumbiswa kwabantu kanye nokuqhuba indawo yabaqwayizi. Ngokusho koKlebe, uGana kusolakala ukuthi uqashe abantu besifazane abasebancane ebalanda ezindaweni zasemakhaya kuQumbu, eMthatha, naseNgqeleni.
Izisulu kubikwa ukuthi zihlaoiswa emzini kammangalelwa e-East London, ziphoqwa ukuba zihwebe ngocansi. Abaphenyi bathe laba besifazane benziwa ukuthi bazibandakanye ocansini namakhasimende abekhokha mmangalelwa.
UGana usolwa ngokufaka ephaketheni imali ephakathi kuka-R250 no-R300 ikhasimende ngalinye, ubusuku ngabunye eyilanda ngokwakhe le mali noma eyalele abesifazane ukuthi bayidlulisele ebhange lakhe. Wabanjwa ngemuva kokuqalwa kophenyo lwezobunhloli ngoSepthemba, okhulumela oKlebe, uWarrant Officer Ndiphiwe Mhlakuvana, uthe baqale uphenyo olugcwele olwaholela ekuboshweni kwakhe ngo-Okthoba 15.
Icala lihlehliselwe uNovemba 28 ukuze kuqhutshekwe nophenyo, kanti uGana usagqunywe ejele. Inhloko yoKlebe esifundazweni uMajor General Mboiki Obed Ngwenya uncome amaphoyisa ngomsebenzi wawo.
"Sizibophezele ekuhlakazeni amanethiwekhi obugebengu obuhleliwe axhaphaza abantu abasengozini."