Izindaba

Indida ngoduke ephuma emsebenzini

Zimbili Vilakazi|Published

ODUKILE uMnuz Kholwani Cele

Image: SITHUNYELWE

UDIDEKILE umndeni wowesilisa waseCoffee Farm, KwaNdengezi, eThekwini, kuduka isihlobo ngendlela engaqondakali, sibuya emsebenzini.

UMnuz Kholwani Cele (34) kuthiwa wagcina ukubonwa ngezikhathi zantambama ngoLwesine, eqeda kuphuma efemini ekhiqiza izinto zobisi eNorthdene, eQueensburgh. 

Ngokusho komfowabo, uMnuz Sbonelo Cele, uKholwani waphuma emsebenzini ngo-5.45 ntambama, wagibela enye yezimoto ezincane, ezithatha abasebenzi, ziyobabeka emgwaqweni ohamba amatekisi.

Uthe bathola ngoLwesihlanu ukuthi umfowabo wagibela imoto nomunye uzakwabo ayeshayise naye ngesikhathi esifanayo.

“Kuthiwa lowo zakwabo wehla kuqala, yena wehla kamumva esitobhini sebhasi esingaseBimbos, egaraji lokuthela uphethroli eliKwaSanti,” kusho uSbonelo.

Uthe umnikazi wemoto, kuthe uma bembuza, waqinisekisa ukuthi wamshiya kulesi sitobhi, nokuyinto abangazi noma yenzeka ngempela yini.

Uthe baqale ukuqaphela ngosuku anyamalala ngalo ukuthi kukhona okushaya amanzi ngoba akasiye umuntu ohamba ekhaya angabuyi futhi angasho. 

“Iselula yakhe kwathi uma siyifonela sathola ukuthi ivaliwe, kanti kuWhatsApp wagcina ngabo-07:30 ebusuku,” kusho uSbonelo, othe okubathusayo wukuthi uKholwani ungumuntu owubikelayo umndeni uma ethathwa yindlela.

Uthe bagcine bebika emaphoyiseni aseMariannhill ukuthi umfowabo udukile, kwavulwa idokodo lomuntu olahlekile.

Uthe bahambe inqwaba yezibhedlela eziseThekwini, okukhona kuzo iSt Mary's, RK Khan, Dkt Pixley Ka Isaka Seme Memorial.

“Sibheke emawodini kanjalo nasemakhazeni azo lezi zibhedlela,” kusho uSbonelo. 

Uthe baphinde banikela nasemakhazeni kahulumeni asePinetown, Phoenix nasePark Rynie ukuyolahlela, nakhona babuya belambatha.

Uthe banovalo ngokulahleka kwakhe.

“Ngisho nasemsebenzini wakhe basifonela ngoLwesihlanu, bebuza ukuthi uphi ngoba engafikanga emsebenzini nokuyinto angakaze ayenze,” usho kanje.