SASSA
Image: Sigciniwe
I-SOUTH African Social Security Agency (Sassa), ikhathazekile ngemibiko engelona iqiniso yokuthi bazoyiphinda kabili imali abahola izibonelelo. Le nhlangano ithe le mibiko ingamampunge njengoba kungekho simemezelo esenziwe sokuthi kuzoholwa kabili.
Okhulumela iSassa, uMnuz Paseka Letsatsi, unxuse abantu ukuthi bangathumeli imibiko engelona iqiniso ngoba idukisa abantu.
Unxuse abahola izibonelelo ukuthi bathembele olwazini oluphuma kwaSassa kuphela.
"Sinxusa abantu ukuthi ngaphambi kokuba bathumele ulwazi abalubona ezinkundleni zokuxhumana, ukuqinisekisa ubuqiniso balolo lwazi. Ulwazi olungelona iqiniso lufaka ukhwantalala kwabahola izibonelelo," usho kanje.
Uthe ulwazi olungu-ngqo baluthumela emakhasini abo asezinkundleni zokuxhumana.
"Bangu-19 million abantu abahola izibonelelo kuleli ngakho ukuthumela ulwazi olungamampunge, kwenza izigidi zabaholayo bathuke," usho kanje.
Uxwayise nabantu ukuthi bayibhekisise into abayibona ezinkundleni zokuxhumana.
Le nhlangano ihlale iphunga izindaba ezingelona iqiniso ezisuke zisatshalaliswe emphakathini kusetshenziswa izinkundla zokuxhumana.
ULetsatsi uthe abafuna ukuthola ulwazi ngokuthile bangabashayela ukuze bathole ubuqiniso kwaSassa.
Bangashayela enombolweni yamahhala ethi: 0800 60 10 11, noma bathumele i-email ku: [email protected], noma baye emakhasini akwaSassa ezinkundleni zokuxhumana.
Related Topics: