PAUL Mashatile
Image: GCIS
KUGCINE kuvunyelwene ngemigomo ezolandelwa ukuxazulula ungqingetshe kuhulumeni wokubambisana kwamaqembu ahlukene i-Government of National Unity (GNU).
Lokhu kuvezwe esitatimendeni esikhishwe nguSihlalo wekomiti elibhekene nokuxazulula ungqingetshe othinta imigomo kulo hulumeni, uMnuz Paul Mashatile, iPhini likamengameli wezwe.
Le migomo kuvunyelwane ngayo emva konyaka njengoba bekunemigomo yesikhashana obekusetshenzwa ngayo.
UMengameli Cyril Ramaphosa wajuba leli thimba ukuthi libhekele ungqingetshe obakhona kulo hulumeni njengoba kube nokungaboni ngaso linye ngomthetho wezikole iBasic Education Laws Amendment Act. Umsindo wasuka ngesikhathi kusewumthetho sivivinywa, kukhona izinto amaqembu afana ne-DA, ayengahambisani nazo.
Lokhu kwenza noNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo, uNksz Siviwe Gwarube, waduba umcimbi wokusayinwa kwalo mthetho, okwasusa umsindo abanye bethi akaxoshwe esikhundleni.
UMashatile uthe bavumelene ngokuthi le migomo izothulwa emkhandlwini wabaholi bamaqembu ahlukene ukuze kubekhona okuzokwengezwa uma kunesidingo.
"Sivumelene ngokuthi lolu hlaka lokuxazulula ungqingetshe akulona oluthatha izinqumo ezingujuqu kwiGNU. Sivumelene ngokuthi sizohlangana njalo ngenyanga. Okunye okuphakanyisiwe ngukuthi uma kukhona izinto okungavunyelwana ngazo, zizodluliselwa emkhandlwini wabaholi bamaqembu hhayi kumemgameli," usho kanje.
Uthe bavumelene ngokuthi kuzoba khona ukungaboni ngaso linye ezingxoxweni.
Uqhube wathi njengoba bebengavumelani baze balanda ungoti wezomthetho ukuthi azoxazulula ezinye zezinto ababengavumelani ngazo.
"Amaqembu afana ne-DA, GOOD Party, UDM ne-Al Jama-Ah, aletha iziphakamiso ngezinye zezinto okumele zibe semigomeni. Uhulumeni weGNU nomkhandlu wabaholi, yibona abanezwi lokugcina."
Ubalule nokuthi izinto ezithinta ohulumeni bezifundazwe kanjalo nohulumeni basekhaya azizoba yingxenye yale nkundla.
Kuzokhumbuleka ukuthi ezifundazweni ezifana neKwaZulu-Natal, kunohulumeni wokubambisana kwamaqembu okuyi-ANC, IFP, DA neNFP.
Related Topics: