Iphini likamengameli uMnuz Paul Mashatile
Image: Phando Jikelo/African News Agency (ANA)
IPHINI likaMengameli, uMnuz Paul Mashatile, seligqugquzele abesilisa ukuthi bangahambeli kude nemishanguzo yokuthithibalisa iHIV/Aids kodwa bayilande baphinde bayidle.
UMashatile uthe kunomkhankaso wokunxenxa abesilisa ukuthi badle le mishanguzo.
"Sihlose ukwehlisa isibalo sabahaqwe yiHIV kuleli. Yingakho sigxile emkhankasweni wokuthi siye kwabesilisa ukuze balande baphinde badle imishanguzo yabo," kusho uMashatile.
Ukusho lokhu izolo ephendula imibuzo yamalungu ePhalamende.
Ukhale ngabesilisa abadala abaheha amantombazane asemancane ngemali ukuze balale nawo.
"Sikhathazekile ngabesilisa abaheha izingane ezincane ukuze balale nazo ngokuzinika imali. Nazo zikwenza lokhu ngoba zisuke ziswele," usho kanje.
Uthe uMnyango weMfundo eyisiSekelo, unomkhankaso wokugcina amantombazane esezikoleni.
"Ngalo mkhankaso kuhlelwe ukwehlisa isibalo sabesifazane abatheleleka ngesandulela ngculazi. Sifuna intsha iphile isikhathi eside njengoba kunanemishanguzo yokuthithibalisa iHIV/Aids," kusho uMashatile.
Uveze ukuthi kubalulekile ukuthi kube nezinhlelo ezizofundisa intsha ngobungozi beHIV/Aids.
Amalungu ePhalamende afune ukwazi ngezinhlelo zethelevishini ezaziqwashisa ngeHIV eminyakeni edlule ezifana neSoul City.
"Lezi zinhlelo kubalulekile ukuthi ziqhubeke ziqwashise abantu ngegciwane. Asikaxoxi noNgqongqoshe wezeMpilo kuleli mayelana nezinhlelo ezithinta umjovo wokugwema iHIV kwabangahaqekile kuleli."
Elakuleli libe yizwe lokuqala e-Afrika, ukugunyaza ukuthi kusetshenziswe umjovo i-lenacapavir, ezothathwa kabili ngonyaka evikela abangahaqekile ukuze bangatheleleki ngeHIV/Aids.
Lo mjovo kulindeleke ukuthi uqale ukusebenza ngonyaka ozayo kuleli kanti uyanconywa ngokuthi uyabavikela abantu ukuthi batheleleke.
UMashatile ubuye waveza nokuthi kumele kukhucululwe amazambane abolile emaphoyiseni
"Sesiqalile ukwenza okuthile ngamaphoyisa angamazambane abolile. Abantu bazothemba amaphoyisa uma bebona ukuthi siwuhulumeni siyawasusa amazambane abolile emaphoyiseni," kusho uMashatile.
Uthe yinto abayixoxa nebamba likangqongqoshe wamaphoyisa, ukuze abantu babone ukuthi amaphoyisa asebenzela bona.
Ukhale ngokuthi omasipala bakweleta inkampani ehlinzeka ngogesi kuleli, i-Eskom, ngaphezu kuka-R102 billion.
"Le mali ekweletwa ngomasipala inyuke kakhulu njengoba ngo-2019, yayingu-R20 billion. Omasipala babhekene nengwadla yokuqoqa izikweletu emabhizinisini kanjalo nakubantu abakweletayo," usho kanje.
Uthe basebenzisana nomasipala ukubasiza ukuze baqoqe izikweletu kulabo abakwaziyo ukukhokha.
"Siyazi ukuthi abantu abayifuni i-prepaid, kodwa iyona ndlela elula ukuze abantu bakhokhele into abayisebenzisayo. Sinenkinga enkulu futhi yezinyokanyoka, ugesi oxhunywa ngendlela engafanele emphakathini," kusho uMashatile.
Related Topics: