Izindaba

Kusolwa umbango womuzi 'ngonqume isihlobo wafaka ikhanda ebhakedeni'

Zimbili Vilakazi|Published

UNKSZ Slindile Mkhize

Image: SITHUNYELWE

KUTHIWA beziyinkukhu nempaka izihlobo zakwa-K, KwaMashu, okuvele izolo, ukuthi ukungezwani kwazo kugcine kukhipha isidumbulu ngendlela enesihluku. 

Isidumbu sikaNksz Slindile Mkhize (33), ebesingenalo ikhanda, sitholwe phezu kombhede ekamelweni lakhe ngesikhathi kubhulwa umlilo endlini okuthiwa ibishiswe ngumsolwa.

Ngokusho kukadadewabo kamufi, uNkk Smangele Mgwaba, umuntu ogile lo mhlola ngumzala wabo okuthiwa uvele washaqwa ngamaphoyisa.

Elandisa ngesigameko, uthe bathole inqwaba yezingcingo zivela komakhelwane, bebatshela ukuthi abaphuthume ekhaya ngoba kuyasha.

“Ngaleso sikhathi omakhelwane bese bevele bekhona ekhaya, bematasa bezama ukucisha umlilo ngamanzi besebenzisa amabhakede,” kusho uNkk Mgwaba. 

Uthe bona bafike omakhelwane sebebize abezicisha mlilo kanjalo namaphoyisa.

Uthe bese zikhona izinsolo zokuthi indlu isha nje inomufi ungaphakathi, wathi ngaleso sikhathi umsolwa naye ubezama ukuzenza samuntu olekelelayo ngokucisha umlilo kodwa ebonakala ukuthi uhudula izinyawo.

“Ubuziwe ukuthi uphi ukhiye wasendlini ebisha, wathi akanawo. Kwabuzwa owasemjondolo wakhe alala kuwo, ongaphandle, wathi umdukele,” kuchaza uNkk Mgwaba.

UMUZI okushiselwe kuwo umufi

Image: SITHUNYELWE

Uthe kuthe ngesikhathi ekhuthuzwa emaphaketheni, watholakala ukhiye.

“Kuphuthunywe ngaphakathi endlini enkulu, watholakala eshonile uSli. Kuthe abanye besamangazwe yilokho, bengakaboni nakahle ukuthi ikhanda alikho, abanye bavele bathola ibhakede emjondolo kamsolwa, ebelinento egungquzayo phakathi. Bathi uma belivula, bazithela phezu kwekhanda likaSli,” usho kanje.

Uthe njengoba amaphoyisa ebesevele ekhona endaweni yesigameko, zivele zamkhalela khona lapho.

Uveze ukuthi umuzi owomndeni kodwa izihlobo ezindala okukhona kuzo naye uqobo, bezingahlali khona, njengoba zonke sezagana, zihlala emizini yazo.

“Kahle hle basele bathathu kulo muzi. Lona owesithathu uphila ngezidakamizwa ngakho uhlale engekho ekhaya. Bese laba-ke bavame ukusala bobabili,” kulandisa uNkk Mgwaba.

Udalule ukuthi kwenzeka lesi sigameko nje, bese kuphele amasonto amathathu umufi etholele umsolwa incwadi yesivimbelo kulandela ukumbeka isandla, bexabana.

“Bebengazwani impela, baze bahlala ngokuhlukana, umufi ehlala endlini enkulu, bese umsolwa ahlale emjondolo ongaphandle,” kusho uNksz Mgwaba. 

Uthe basola ukuthi umbulale ngoLwesithathu, kwathi izolo washisa indlu ngoba ezama ukugqiba ubufakazi, wathi basola nokuthi zikhona izidakamizwa ebezisetshenziswa umsolwa uma bebuka isihluku abulale ngaso umufi.

“Siyaqala ukubona into enje. Okusehlele kunzima, asikwazi nokukhuluma,” kusho uNkk Mgwaba. 

Isolezwe lithole ukuthi ingxabano yalaba bazala ibihlale imayelana nendlu egcine ishiswa umsolwa. 

Kuthiwa umsolwa ubehlale ethi indlu ngeyakhe, wayishiyelwa nguninakhulu osashona, ngesikhathi umufi naye ethi ngeyakhe, naye wayishiyelwa ngunina ongasekho emhlabeni.

Kuvela ukuthi bagcina behlala ngokuhlukana, umufi wahlala kuyona le ndlu, ngesikhathi umsolwa ehlala emjondolo ongaphandle.

Kuthiwa bebehlale belwa-ke bebanga lokhu babuye babuyisane, kuphele isikhashana babuye basusane.

UNkk Mgwaba, obezwakala elusizi, akaziqinisekanga lezi zinsolo. 

Police comment…