UNGQONGQOSHE wezeMfundo eyisiSekelo, uNksz Siviwe Gwarube nomqondisi jikelele emnyangweni, uMnuz Mathanzima Mweli
Image: GCIS
KUBAHLWELE emini ababanjwe "nomphako" bekopela ngesikhathi bebhala izivivinyo zika-matric. Akubodwa laba kuphela abazoshushiswa kulandelwa imigomo ethinta ukukopela kodwa nalabo ababanjwe besebenzisa omakhalekhukhwini ngesikhathi kubhalwa.
Umqondisi jikelele eMnyangweni wezeMfundo eyisiSekelo, uMnuz Mathanzima Mweli, uthe izivivinyo zika-matric zisahamba kahle ngaphandle kwezehlakalo ezimbalwa zababanjwe behlinza imbuzi.
Uthe kubanjwe nabebesebenzisa omakhalekhukhwini kubhalwa, nabo abazobhekana nabo kulandelwa imigomo ethinta ukukopela uma kubhalwa.
"Sinemigomo ebekiwe ethinta izinto ezizokwenzeka kulabo ababanjwe bekopela. Kanjalo nomakhalekhukhwini abavumelekile uma kubhalwa izivivinyo," kusho uMweli.
Ngokujwayelekile uma ulahlwe icala lokukopela, imiphumela yalelo phepha ithathwa njengento engekho. Umiswa iminyaka embalwa ungakwazi ukubhala leso sifundo.
Kwenzeka lokhu nje, uMweli noNgqongqoshe walo mnyango, uNksz Siviwe Gwarube, kanjalo nomkhandlu olawula izingabunjalo lemiphumela, Umalusi, baxwayisa abafundi ukuthi bangazibandakanyi nokukopela ngoba bazibeka engcupheni yokubanjelwa imiphumela yabo.
Kujwayelekile ukuthi kube nezehlakalo zokukopela okusuke kuhlanganisa abafundi abakopela beyiqoqo, noma labo abasuke begadile uma kubhalwa babanike izimpendulo.
UMweli uthe kunabafundi ababhalela ezibhedlela noma ezikhungweni zezempilo ngenxa yokungaphili.
"Asifuni kube nomfundi ongeke abhale ngoba engaphilile. Yingakho sisiza nabagulayo ukuthi babhalele lapho bekhona."
Uveze nokuthi kunokukhathazeka ngokulova kwalabo ababhala ngasese.
"Iminyango yezifundazwe imatasa iqoqa ulwazi mayelana nokungafiki kwababhala ngasese. Silwa nanenkinga yezikhungo ezingabhalisiwe eziqola abafundi ikakhulu abasuke bephucula u-matric wabo," kusho uMweli.
Ubonge imiphakathi evikela ukubhalwa kwezivivinyo ngokuthi ingaphazamisi ababhalayo.
"Asiqhubeke nokweseka abafundi ababhalayo, babhale ngokuthula. Asingakhipheli ukudinwa kwethu kubafundi sibaphazamise."
UMweli uthe ingxenye eningi yamaphepha isibhaliwe kwa-matric.
Uthe amaphepha afana neMaths nesiNgisi, iHistory ayaphothulwa kuleli sonto.
"Selokhu ziqalile izivivinyo, alikho iphepha elibhalwe sekudlule isikhathi. Sibonga othisha nezikhulu zomnyango ngokuqhubeka ziyibambe kuze kuphothulwe izivivinyo."
Namhlanje kubhalwa iphepha lokuqala leMaths, Maths Literacy kanjalo neTechnical Maths.
Related Topics: