UMUFI uNksz Nthabiseng Ncanane
Image: SITHUNYELWE
KUSOLWA ukuthi ubengafuni ukwaliwa owesilisa waseCato Manor, eThekwini, okuthiwa udubule, wabulala owesifazane wasePort Shepstone, obeqashe kule ndawo.
Kulesi sigameko esenzeke ngeSonto, kubulawe ngesihluku uNksz Nthabiseng Ncanane (34), edutshulwa kaningi obeyisoka lakhe, ekotishini abeqashe kulo.
Ngesikhathi Isolezwe lihambele indawo yesigameko izolo, emva kokuzwa ngesigameko lifice umastende, uNkk Makhosi Nkosi, ezinyaziswe amalungu ambalwa omphakathi.
Utshele Isolezwe ukuthi ubekhona ekhaya ngesikhathi kwenzeka isigameko, yize engawuzwanga umsindo wokuqhuma kwesibhamu.
“Ngzwe ngaso ngesikhathi ngithunyelwa umyalezo yisiqashi esihlala ekotishini elisondelene nelikamufi, sithi sizwa umuntu ekhala, kuqhuma nesibhamu,” kusho uNkk Nkosi.
Uthe ube esehamba eyobheka, wangqongqoza kuzo zonke izindlu kodwa kwangasabela muntu. Uthe uze wamthumelela umyalezo umufi kodwa wangawuphendula.
“Ngithe ngisuka ngangijikela ewindini elingemumva, ngalunguza, nokuyilapho engibone khona uNthabi elele kabuhlungu phansi, ingalo igaxeke kabuhlungu embhedeni,” usho kanje.
Uthe ubize abesilisa ababe nesibindi sokungena babona ukuthi udutshulwe, wafa.
Omunye walabo besilisa, uMnuz Sabelo Nzama, uthe bakubona masinyane ukuthi enye inhlamvu yayingene esandleni, enye ingene okhakhayini.
“Kwathi uma esemphendula amaphoyisa, sabona ukuthi ezinye ezimbili zingene esifubeni. Sisola ukuthi mhlawumbe esandleni wadubuleka ethi uyasibamba isibhamu, wagoba, enye yangena ekhanda, kwathi uma ewa, wabe esemdubula ngezimbili esifubeni,” kusho uNzama.
Uthe ngesikhathi isixoxwa indaba endaweni, bakhona abaveza ukuthi bambonile umsolwa ehla ngomgwaqo, egqoke izingubo ezigcwele igazi, eya emotweni kanina abeyisebenzisa.
“Baze bathi bambuza ukuthi indoda iyibambene kuphi impi, khona bezoyilekelela, bembona egqoke izimpahla ezigcwele igazi. Kuthiwa waphendula wathi abangakhathazeki ngoba inkinga ebikhona usezilungisele,” usho kanje.
Kuvela ukuthi umsolwa wabaleka wayocasha eSouth Beach emva kwesigameko, waze wayozinikela emaphoyiseni aseDurban Central ngakusasa.
UNzama uthe babuye bezwa ngamalungu omphakathi ukuthi owesilisa kungenzeka ukuthi wayehlose ukumbulala ebusuku ngoMgqibelo umufi njengoba wayenkanise ngemoto ubusuku bonke, emcuthele.
“Okusho ukuthi idlozi likamufi lasebenza ngoba ukube wayekhona endlini ngoMgqibelo, wayezombulala, maqede kungaboni muntu,” kusho uNzama.
Isolezwe lithole ngemithombo yalo ukuthi umufi ubeke axoxe ngokuthi usemalile umsolwa ngoba akasamfuni, kodwa akezwa mshini.
Omunye umthombo uveze ukuthi ngoMgqibelo ntambama umufi wayehleli emotweni eyiPolo ngaphandle kwasemqashweni, nokwathi uma edlula umsolwa, banyusa amawindi.
“Wahamba wayongena endlini umsolwa ngethemba lokuthi umufi uzomlandela, nokho kwangenzeka lokho,” kusho umthombo.
Uqhube wathi umsolwa wabe esehamba, umufi wasala wangena emqashweni wakhe.
“Akwaziwa ukuthi wahamba nini ngoba akalalanga emqashweni wakhe. Yilapho okwafika khona umsolwa-ke, wangena, wahlala ngaphakathi, wakhempela umufi owaze wabuya ngakusasa,” kusho umthombo.
UNzama uthe bona abangena ngaphakathi endaweni yesigameko, babona ukuthi kwakuliwa ngoba izinto zazimapeketwane.
UNkk Nkosi uthe abambonanga umsolwa ephuma ebaleka. Uthe umufi bese kuphele iminyaka emine eyisiqashi sakhe futhi engowesifazane othobekile.
“Naye umsolwa ubengakaze akhombise ukuthi ungumuntu onolaka. Njalo uma uhlangana naye ubebingelela ebheke phansi, angakubuki nhlobo emehlweni,” kusho uNkk Nkosi, othe akakhumbuli ebona lezi zithandani zixabana.
Uthe sibathusile isigameko, wathi ezinye iziqashi zakhe namanje azikabuyeli emakotishini azo, selokhu zavakashela ezihlotsheni emva kwesigameko.
Isolezwe lithole ukuthi izithandani zaqala ukuthandana ngoFebhuwari nyakenye. Lathola nokuthi umufi ubengowesifazane obesephothule izifundo zobuthishela.
Kuthiwa ubewusizo ezinganeni zendawo ezichushisa kwiMathematics. Kuvela nokuthi bese ethole umsebenzi phesheya, ezofulathela elakuleli ngoJanuwari ngonyaka ozayo.
Umndeni kamufi ufikile endaweni yesigameko uzolanda umphefumulo wakhe ngehlahla. Lithe uma licela ukukhuluma nawo Isolezwe, umalume wakhe othe unguMnuz Nkosinathi Ndovela, obebonakala ukuthi ulusizi, wathi akukho abazokuphawula.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa aseCato Manor abophe owesilisa oneminyaka engu-41 kulandela isigameko sokubulawa kowesifazane oneminyaka engu-34 eCato Manor.
“Owesifazane udutshulwe wafa ngeSonto,” kusho uConst Ngcobo, othe umsolwa bekulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini kuleli sonto.