Emakhazeni
Image: Chris Collingridge / Independent Newspapers
USOLA isandla semfene umndeni wowesifazane wasekuThuleni, eBhamshela, okuthiwa utholwe ngoLwesithathu ebulawe ngesihluku nozakwabo wasemsebenzini enkampanini kashukela eWartburg.
Kulesi sigameko esihlasimulisa umzimba kubulawe uNksz Zamile Makhanya (49) nozakwabo uMnuz Simo Khanyile.
Izidumbu zabafi, okuthiwa bahambisana ngemoto eyodwa ngoMsombuluko bephuma emsebenzini, zitholwe esimobeni esiseduze kwesibhedlela iMontebello ngoLwesithathu.
Kuthiwa zitholwe zishe zangqongqa, zigqishwe ebhuthini yemoto kaKhanyile ebisashunqa intuthu. Kuthiwa amaphoyisa athole amagobolondo ezinhlamvu alinganiselwa ku-24 endaweni yesigameko, okudwebe isithombe sokuthi bafe ngokudutshulwa.
Isolezwe lithole udaba maqede lathinta isihlobo sikaNksz Makhanya, esikhulume sacela ukungadalulwa.
Sithe baqale ukuqaphela ukuthi kukhona okonakele ngesikhathi uNksz Makhanya engabuyi emsebenzini.
Uthe bahambe bayobika emaphoyiseni, alandela umkhondo wemoto eyayihamba abafi.
“Kuvele ukuthi ihambe yaze yayofika esimobeni lapho betholakale khona bengasekho. Ibisashunqa. Asazi ukuthi njengoba ibishunqa nje, ibishiswe nini, bona babulawe nini,” kusho isihlobo.
Sithe bezwe ngandlebenye ukuthi abafi badunwe imoto, sebezofika ngasekhaya, wathi lezi zinsolo abazikholwa.
“Asikholwa wukuthi inhlosongqangi bekuwukuduna imoto, ngoba uma uduna imoto, usuke unenhloso yokuyithatha. Njengoba begcine beshiselwa kuyo, lokho kusho ukuthi abasolwa bebengafuni yona imoto kodwa bebefuna abafi befile,” kusho isihlobo.
“Sisola isandla semfene ngokubulawa kwabo ngesihluku. Umuntu owenza nje, usuke enenzondo embi ngalabo ababulala kanje,” usho kanje.
Umthombo wangaphakathi kule nkampani kashukela uthe bezikhona izinsongo ebezitholwa wuNksz Makhanya komunye uzakwabo, okungacaci ukuthi bebebangani ephathekayo.
“Lo zakwabo ngenyanga edlule waze wayokhuluma nodadewabo kamufi, obesebenza nabo ethi akazi ukuthi umufi umhlukumezelani. Waze wamtshela ukuthi into azoyenza uzogcina emshaya bese ephelelwa wumsebenzi,” kusho umthombo.
Uthe lona wesifazane watshela udadewabo kamufi ukuthi umufi angacabangi ukuthi uyosala kamnandi enkampanini uma yena kwenzeka exoshwa.
“Kuthiwa wamtshela ukuthi bayohamba bobabili noma kuyoduma izulu,” kusho umthombo.
Uthe lolu daba bese lwaziwa ngisho nawumphathi wabo, okuthiwa wake wazama ukuxazulula kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.
“Asazi ke uma lona wesifazane esebulawa ngesihluku esinje ehamba nozakwabo,” kusho umthombo.
Omunye umthombo uveze ukuthi ngosuku lwesigameko uNksz Makhanya wayesebenza i-shift eyayizomkhipa ebusuku kakhulu.
Uthe njengoba bebehanjiswa yimoto yangaphakathi emsebenzini, watshela umshayeli ukuthi angazikhathazi ngokumlinda njengoba ayesezosebenza i-overtime.
“Wamtshela ukuthi umuntu owayezomshintsha, wayeseveze ukuthi ngeke eseza. Nokho kuthiwa wabuye wacishe waphenduka undingasithebeni, lo zakwabo esebuye efika, kwaphoqqa ukuthi agoduke,” kusho umthombo wesibili.
Uveze ukuthi yilapho okwavela khona uKhanyile nosizo lwemoto, njengoba naye wayezoshayisa ngesikhathi esithe ukudlula kancane kuleso okushayisa ngaso uNksz Makhanya.
“Wamlinda, bahambisana, engumuntu ozodlula amshiye ekhaya kanti sebezokwehlelwa wumshophi ke,” kuchaza umthombo wesibili.
Related Topics: