Izindaba

Kusolwa abangani ngowesilisa oduke ebaphelezela ukuyogeza ngembuzi emfuleni

Zimbili Vilakazi|Published

UMNUZ Mlondi Jula

Image: SITHUNYELWE

UMNDENI wowesilisa waKwaWoza, KwaNzimakwe, eMargate, okuthiwa unyamalale ngendlela engaqondakali ngeledlule, usola abangani ayebaphelezele ukuyogeza ngembuzi emfuleni uMzimkhulu.

UMnuz Mlondi Jula (23) kuthiwa wagcina ukubonwa ngoLwesithathu olwedlule, ehamba nabangani ababili, omunye wabo ongumakhelwane.

Udadewabo walona wesilisa, uNksz Noluthando Thuwe Jula, utshele Isolezwe ukuthi ngosuku ababagcina ngalo, abangani ababili babekade bethenge imbuzi kubo (kwaJula).

Uthe babe sebecela uMlondi ukuthi abahambise emfuleni lapho umakhelwane ayeyogeza khona, wathi ngakusasa, umshana kaMlondi wathola umyalezo owawuthunyelwe ngeselula yakhe. 

Uveze ukuthi lo myalezo wawuyalela umshana ukuthi athumele inombolo yakhe kamazisi, ukuze uMlondi, owayevule ikhadi lakhe lasebhange esebenzisa imininingwane kamshana, alungise kabusha inombolo eyimfihlo.

“Umshana wayithumela inombolo yakhe kamazisi. Akuphelanga sikhathi esingakanani, kwafona umakhelwane, wambuza ukuthi ugcine nini ukukhuluma noMlondi ngoba akamtholi ocingweni,” kusho uNksz Jula.

Uthe umakhelwane wabuye wabuza ukuthi umthumele yini inombolo yakhe kamazisi njengoba ebeyifuna uMlondi?

“Wamtshela ukuthi umthumele,” usho kanje.

Uthe kwabuye kwangena omunye umyalezo ovela enombolweni kaMlondi kwiselula kamshana uthi: “Le nto yakho ayifuni ukulunga, ifuna ubuso bakho (selfie), ngilungisele wena, ungayithinti leyo mali ngoba ngiyayazi ukuthi iyimalini.”

Uthe ngezikhathi zantambama bebona engabuyi uMlondi, babe sebemfonela, befuna ukuzwa ukuthi ukuphi, bathola ucingo lwakhe luvaliwe, kukhombisa nakwiWhatsApp ukuthi ugcine ngezikhathi zasemini. 

Uveze ukuthi bese kungoLwesihlanu ngesikhathi bemfonela lo makhelwane, bebuza ukuthi uphi uMlondi, wabatshela ukuthi wababeka emfuleni, baphuma emanzini esebashiyele umyalezo efonini othi usehambile uya eKokstad, wabuye wathi uya kwisinqandamathe eThekwini.

“Ngathi uma ngithi akangithumelele i-screenshot esifakazela lokhu, wathumela imiyalezo yakudala enenkulumo engafani ncamashi nale abeyisho, wabuye washintsha wathi useyakhumbula ukuthi akathumelanga umyalezo kodwa ushaye ucingo,” kuchaza uNksz Jula.

Uveze ukuthi umuntu abamaziyo wuye lo makhelwane ngoba kwamakhelwane ikubo kayise, wathi bezwa kuthiwa kubo kanina kuseGauteng, waveza nokuthi bebona ukuthi kukhona okushaya amanzi, banikele emaphoyiseni asePort Edward, bayobika ukuthi balahlekelwe yisihlobo.

Uthe lo makhelwane ubelokhu ebabambisa udonga ethi uyabuya kodwa wagcina eshintsha ngempelasonto, ethi yena ngeke esabuya ngoba usesebhasini eliya kubo kanina eGauteng. 

Lo omunye, ayehamba naye, yena uthe uma ethintwa walibeka ngembaba elithi ngeke esabuya ngoba vele yena wayeze endaweni ngoba ekhaphe umngani wakhe (lo othi usebuyele eGauteng).

Uthe yena bezwa kuthiwa owaseNquthu kodwa kabanaso isiqiniseko salokho.

Uthe umyalezo wokugcina owathunyelwa umakhelwane uthi: “Aniqondi. Le nto imayelana nezinkabi", wathi abazi ukuthi le nkulumo yayisho ukuthini kodwa baphendula ngelithi bacela babuyise ithambo lakhe ngoba kusobala ukuthi bambulele.

“Asisabatholi ezingcingweni. Abasazibambi uma sibafonela,” usho kanje.

“Sicabanga ukuthi bayalazi iqiniso, kuphakathi kokuthi bamthumbile noma bambulele. Besilindele ukuthi bazositshela uma behlelwa yinkinga ngalelo langa,” kusho uNksz Jula.

Uthe umfula uqhele ngamahora amabili ukusuka ekhaya labo, wathi okubi ukuthi abakwazi nokulandelela imoto nge-tracker njengoba uMlondi ayeyithenge kumuntu owase ehlulwa ukuyikhokhela, nokusho ukuthi imininingwane ye-tracker yayo yaziwa wuye lowo muntu.

“Siphatheke kabi ngalokhu futhi sididekile ukuthi kwenzekani. Sifisa ukuthola iqiniso, sithole ithambo lakhe uma kuwukuthi bambulala,” usho kanje.

Kushaye isikhathi sokushicilela amaphoyisa engakayiphenduli imibuzo ngalolu daba.