Izindaba

'Ivalelise ngezoso' emndenini inyanga yodumo ebulewe

Zimbili Vilakazi|Published

UMNUZ James 'Godolulala Amankankane' Mthembu

Image: SITHUNYELWE

UPHITHENE amakhanda ukuthi ngabe isitha sivela ngakuphi umndeni wenyanga edumile yaKwaMhlabuyalingana edutshulwe yabulawa ngoyaba lwezinhlamvu emzini wayo ngoLwesihlanu. 

UMnuz James "Godolulala Amankankane" Mthembu (61) kuthiwa uhlaselwe ngabesilisa ababili abangaziwa, abagasele ekhaya lakhe ePhelandaba, eManguzi, emva kwehora lesishiyagalombili ebusuku, bambulala phambi komndeni wakhe ngesihluku. 

Indodana yakhe, uMnuz Mandla Mthembu, ilandisa Isolezwe ithe isigameko senzeke kungazelele muntu, umndeni ubuthene, kujatshulwe.

“Ngabo-3 ntambama, ubaba uthe akuyiwe eMbazwana, kuyothengwa inyama kosiwe, sijabule. Ubuye nayo igcwele iveni, nebala kwaphekwa ipapa, kosiwa kwajatshulwa, siwumndeni nomakhelwane,” kusho uMthembu.

Uthe kwayena uyise ayikho into embikezele ukuthi uzokwehlelwa umshophi, ngendlela abezijabulele ngayo. 

“Ngabo-7, uze wasipha sonke siyizingane zakhe ebesikhona o-R200 umuntu ngamunye, kumnandi,” kusho uMthembu.

Uthe ngesikhathi behlasela abasolwa, bangene egcekeni kunganake muntu ngoba kuhlale kuphithizela izingane zikamufi, kwazise ziningi kanjalo nalabo abasuke bezofuna usizo lwesintu.

“Bamnombole ngokuthi baqale bamfonele, nokuthe uma ephakamisa ucingo, ethi uyaluphendula, base bemdubula bobabili,” kusho uMthembu.

Uthe bamhlasele phansi kwesihlahla egcekeni lapho bekosiwa khona, ehleli nezinye izihlobo.

Uthe bezwe ngoyise ebuza ethi: “Awu sekwenzenjani manje?” 

Uthe abahlaseli bebengakhulumi lutho ngesikhathi bedubula uyise, wathi abakuqaphelile ukuthi ziphelile izinhlamvu zokuqala ebebezithulula kuyise, baphinde bafaka ezinye.

“Baze bashintsha omagazini, bafaka abanye, bemdubula. Zingaphezu kuka-30 izinhlamvu abamdubule ngazo,” kuchaza uMthembu.

Uthe bamkhuthuzile umufi, bathathe isamba semali elinganiselwa ku-R15 000, iselula, ophaqa abebagqokile nokhiye wemoto, wathi babuye badubula amasondo ezimoto eziyisikhombisa ebezisegcekeni ngenhloso yokuthi umndeni ungakwazi ukusheshe unyakaze uyofuna usizo.

Uqhube ngokuthii babuye badubula bebhekise kwenye yezindlu eseduze kwendawo yesigameko.

Uthe namanje basazibuza bayaziphendula ukuthi esingubani lesi sitha ebesifuna uyise efile?

“Emphakathini ubengumuntu wabantu ubaba. Nakuba ebenakho konke kodwa ubengamkhohlwa omunye umuntu, amnike usizo uma eludinga, adle naye kulokho anakho futhi ebahlonipha kakhulu abantu,” kusho uMthembu.

Kwezobunyanga, athe uyise waqala kuzo ngo-1990 eseyinsizwa, nakhona asikho isitha abamazela sona.

“Akanasitha kwabanye ebebenza umsebenzi ofanayo, ngisho nasemakhasimendeni akhe imbala, awekho abeke abuye, azwakalise ukungagculiseki ngomsebenzi wakhe,” usho kanje.

Ematekisini ngaphansi kukasoseshini waseManguzi, athe ujoyine kuwo ngo-2017, asikho isitha abasaziyo nakhona. 

“Ubengavamile nokuya kwayiserenki lapho, ubethuka nje eyovela emva kweside isikhathi. Futhi usoseshini waseManguzi unokuthula, azikaze zibe khona izinxushunxushu esiye sizibone kwabanye ososeshini,” kusho uMthembu.

Uthe uyise ushiya ngemumva amakhosikazi angu-15 nezingane ezingaphezu kuka-60, wathi bayabufuna ubulungiswa ngokubulawa kukayise ngesihluku, wathi bagqemeke udume lwengozi.

UGodolulala Amankankane waba sematheni ngo-2016, ngesikhathi ebophisa owesifazane waKwaMhlabuyalingana ngokuzama ukumdayisela ingane (11) enebala elimhlophe.

Kuthiwa lona wesifazane wafika kuye wathi ufuna ukumdayisela izingane ezintathu ezinebala, wathi uzombiza u-R100 000 ingane ngayinye.

Umufi, kuthiwa wavumela phezulu, wakhomba usuku lapho lona wesifazane kwakufanele alethe ngalo lezi zingane.

Kwathi esefika neyodwa yazo, okwavela ukuthi yayingeyesihlobo sakhe lona wesifazane, wazithela phezu kwamaphoyisa, ayesebizwe umufi, zamkhalela kanjalo.

Wagcina egwentshwa iminyaka engu-20 lona wesifazane ngecala lokushushumbisa umuntu.

Ephawula ngalokhu umufi kwabezindaba, wathi ugeza igama lezinyanga eziqotho, ngelithi izinyanga zangempela azizisebenzisi izicubu zabantu uma zithaka imithi.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, utshele abezindaba ukuthi amaphoyisa aseManguzi aphenya icala lokubulala kulandela isehlo. Uthe imbangela yokubulala ayikakaziwa, wathi amaphoyisa aphume inqina athungatha ababulali.