Vusimuzi 'CAT' Matlala.
Image: Itumeleng English/Independent Newspapers
USOMABHIZINISI osematheni uVusimuzi “Cat” Matlala, unqatshelwe ibheyili yiNkantolo eNkulu yaseGoli ecaleni lokuzama ukubulala owayeyintombi yakhe umlingisi uTebogo Thobejane.
UMatlala uvele eNkantolo eNkulu ngoMsombuluko odlule ukuze adlulise icala lokunqatshelwa kwakhe ibheyili ngemuva kokunqatshelwa ukukhululwa ngenyanga edlule inkantolo yeMantshi e-Alexandra.
Ubhekene necala lokuzama ukubulala uThobejane kulandela isigameko sokudubula emgwaqeni onguthelawayeka u-N1 ngaseSandton ngo-2023. Uphinde abhekane namacala okwakha itulo lokubulala nokushushumbisa imali.
UThobejane obedume ngokulingisa kuMuvhango kuthiwa wadutshulwa onyaweni ngesikhathi ehlaselwa. UMatlala wenqatshelwa ibheyili ngoSepthemba eNkantolo yeMantshi yase-Alexandra ngemuva kokuthi iMantshi uSyta Prinsloo ikhiphe isinqumo sokuthi wehlulekile ukuveza izimo ezibalulekile zokudedelwa kwakhe wathola ukuthi angahle abaleke kwelakuleli njengoba kuvele enkantolo ukuthi unomazisi ongumbombayi waseSwazini.