Izindaba

Othisha bakhombe abafundi ngokhwantalala olubakhungethe

Mhlengi Shangase|Published

Othisha basola abafundi ngokhwantalala

Image: Keira Burton/Pexels

BAKHOMBA abafundi ngenjumbane othisha bakuleli njengembangela yokuthi yibona abenza babe nokhwantalala.

Ngaphezu kwalokhu labo thisha bathwele umthwalo wokufundisa amahora amaningi kanjalo nomsebenzi okumele bawenze nsuku zonke ezikoleni.

Lokhu kuvele embikweni iTeaching and Learning International Survey (TALIS) ka-2024, othulwe nguNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo, uNksz Siviwe Gwarube, eMpumalanga.

Uthe abafundi yibona okuvele ukuthi bahlukumeza othisha ngokukhuluma noma yikanjani nabo.

"Othisha bakuleli bathwele kakhulu njengoba besebenza amahora abalelwa ku-26.6 ngesonto. Kwamanye amazwe basebenza angu-21.1 ngesonto. Kudingeka bamake amaphepha, baphinde benze umsebenzi wasehhovisi kanti baveze ukuthi ukuziphatha kwabafundi yikhona okubafakela ingcindezi. Umbiko uveze ukuthi u-59% wothisha no-58% wothishanhloko, banengcindezi yomsebenzi."

Uthe yingakho basayina isivumelwano sokusebenzisana namaphoyisa ukuze kuphephe ezikoleni.

"Kunezindawo esiziqaphe ngelokhozi okuyiNanda, KwaZulu-Natal, Mthatha e-Eastern Cape, Emfuleni naseManenburg eWestern Cape. Kumele izikole zethu ziphephe."

Udalule nokuthi ithela izithelo imizamo yomnyango yokuheha intsha ekutheni ingene emkhakheni wokufundisa njengoba umbiko uveze nokuthi siyanda isibalo sothisha abancane.

Uthe lo mbiko uveza ukuthi yehlile iminyaka yothisha abasezikoleni isuka ku-43 ngo-2018, yaya ku-41 ngo-2024.

Uthe kwamanye amazwe iminyaka yothisha ingu-45.

"Lezi yizinkomba zokuthi siyakwazi ukuheha intsha ekutheni iyofundisa. U-23% wothisha bakuleli, ungaphansi kweminyaka engu-30. Izingane zethu sezifundiswa abantu abasha, abakwazi ukushintshela ezintweni ezithinta ubuchwepheshe," kusho uNksz Gwarube.

Uthe umbiko uveza ukuthi u-62% wothisha babevele befuna ukufundisa.

"Kumele siqhubeke nokwenza lo mkhakha uhehe entsheni. Kodwa kumele siqikelele ukuthi bayaphepha." 

Udalule ukuthi u-62% wothisha ngabesifazane, kodwa bangu-32% abangothishanhloko.

"Kumele bangene ezikhundleni eziphezulu abesifazane ezikoleni zethu."

Uveze nokuthi u-65% wezikole ukhuluma olunye ulimi ngaphandle kwalolo lokufunda nokufundisa.

"Uhhafu wothisha uveze ukuthi abafundi badonsa kanzima ngasolimini lokufunda nokufundisa. U-56% wabafundi uqhamuka emakhaya adonsa kanzima," usho kanje.

Uthe yingakho bezoqinisa esisekelweni semfundo ukuze abafundi bangathwali kanzima uma sebesemazingeni aphezulu.

"Okunye okuletha ithemba ngalo mbiko wukuthi uhhafu wothisha ususebenzisa ubuchwepheshe besimanje, i-AI ukufundisa. Lokhu kuveza ukuthi bazimisele ukuhambisana nokuguquka kwesimo emhlabeni jikelele. Abangabusebenzisi ubuchwepheshe baveze ukuthi yingoba bengenawo amakhono kanjalo nengqalasizinda."