MK Party
Image: Doctor Ngcobo / Independent Newspapers
AYAVEVA amalungu ePhalamende ngezikole eziqola abafundi baka-matric ngokuthi zithi zizobaphindisa leli banga ekubeni zingombombayi.
La malungu afuna uMnyango wezeMfundo eyisiSekelo oholwa nguNksz Siviwe Gwarube, ukuthi usukume uvale lezi zikole ngokushesha.
UMnuz Siphetho Mkhize weqembu uMkhonto weSizwe, utshele izikhulu zomnyango okubalwa noNksz Gwarube, ukuthi kumele kuliwe nenkinga yalezi zikole eziqola abafundi.
Uthe ukhona umnyakazo abawenzile ngokuthi bavale esinye sezikole esiseDurban University of Technology (DUT), eThekwini.
"Sisize ngqongqoshe ube yingxenye yethu uma sesivala lezi zikole. Sikhona esisivalile KwaZulu-Natal, kanti sizoqhubeka sizivale nezinye. Sisemkhankasweni wokuzivala lezi zikole, kuphelile ukusinisa amahleza," usho kanje.
Uthe kumele kubunjwe ithimba elizohlanganisa amaphoyisa, iPhalamende nomnyango ukulwa nale nkinga.
"Sifuna kuvulwe inombolo yocingo lapho zizobikwa khona lezi zikole. Ngaleyo ndlela abantu bazokwazi ukuzibika," usho kanje.
UNksz Gwarube uvumelane noMkhize wathi kumele zivalwe izikole eziwaka abafundi.
"Ngiyahambisana kakhulu nombono wokuthi kusetshenziswane ukuze kuvalwe lezi zikole. Umqondo omuhle futhi ukuthi kube nenombolo yocingo lapho zizobikwa ezweni lonke," usho kanje.
Isikhulu esiphezulu somkhandlu olawula izingabunjalo lika-matric Umalusi, uDkt Mafu Rakometsi, sikhale ngodaba lwezikole ezifundisa online, esithe abakwazi ukuzilawula.
URakometsi uthe umphakathi ukhathazekile ngalezi zikole wathi abakwazi ukuqinisekisa ukuthi zisezingeni lokuthi zifundise konke okudingwa ngabafundi.
"Miningi imibuzo mayelana nazo okubalwa indaba yokuthi abafundi bafundiswa kanjani. Into okusamele ibhekwe kabanzi."
Nangesikhathi lo mkhandlu umemezela ukulungela ukubhalwa kuka-matric, ukhale ngokuthi abafundi badinga ukuhlangana nabanye badlale ukuze bakhule ngendlela efanele. Wabuza ukuthi ezikoleni ezifundisa online, abafundi bahlangana nini badlale okanye baxoxe?
Wagcizelela ukuthi ukufunda ndawonye kwenza ukuthi wakhe ubungani nomuntu owafunda naye, kungaba emazingeni aphansi noma emazingeni aphezulu.
Kwenzeka lokhu nje, namhlanje abafundi baka-matric babhala iphepha lesithathu lesiZulu ekuseni, ntambama babhala iphepha lokuqala le-Accounting.
Related Topics: