Izindaba

Amaphoyisa agasele emzini wendodana kaMseleku ngamacala abucayi

Zimbili Vilakazi|Published

MPUMELELO Mseleku

Image: SIGCINIWE

INDIDA amaphoyisa egasela emzini wendodana kaMusa Mseleku, wodumo lweThando neSithembu kanjalo neZingane Zes'thembu, ngamacala abucayi.

Ngokuthola kweSolezwe ngomthombo, lesi sehlakalo senzeke emzini kaMpumelelo Mseleku osezindaweni zomntakabani eBallito, ngoMsombuluko.

Ulandisa umthombo, uthe amaphoyisa abalelwa kwayisishiyagalombili, agasele ebusuku, athi awuphiko lweCrime Intelligence, avela ehhovisi lesifundazwe.

Uthe athe azopequlula umuzi ngamacala okukhona kuwo elokushushumbiswa kwabantu, izidakamizwa, ukushintshisana ngemali okungekho emthethweni, kanjalo nezibhamu ezingekho emthethweni. 

“Atheleke ngesankahlu, ahlephula izicabha. Abakhombisa iphepha lokusesha umuzi, maqede apequlula kodwa angathola lutho,” kusho umthombo.

Uveze ukuthi kuthe sekulandelelwa, kwatholakala ukuthi akulona iqiniso ukuthi amaphoyisa alolu phiko njengoba ebesho.

Uthe kunalokho, kuvele ukuthi amabili awo asebenza esiteshini samaphoyisa saseMhlali, kwavela nokuthi laba abanye bekungonogada benkampani ethize, kungesiwo amaphoyisa.

Udalule ukuthi kubuye kwavela nokuthi incwadi yokusesha umuzi ebiphethwe ibiwumbombayi, ingenayo inombolo yecala.

Uqhuba umthombo, uthe okubuhlungu ukuthi antshontshe imali engu-R30 000, aphinde athatha nenhlamvu yesibhamu engakasebenzi.

Omunye umthombo onezezele kulolu daba, uthe okwenzekile kumhlukumezile uMpumelelo nengoduso yakhe, u-Amahle Biyela.

“Bathikamezeke kakhulu emqondweni ngokuhlaselwa kwabo ngale ndlela. U-Amahle ushayekile ezifundweni zakhe kanti lokhu kusilimazile isithunzi sikaMpumelelo,” kusho umthombo.

Isolezwe lithole ukuthi sekuphele iminyaka emibili uMpumelelo aqala ukuhlala kule ndawo.

Ethintwa uMpumelelo, usiqinisekisile isigameko kodwa wase exhumanisa intatheli nommeli wakhe njengoba eveze ukuthi kukhona icala elivuliwe ngalesi sigameko kanti uhlela nokulusukumela ngezinkantolo.

Ummeli, uMnuz Thabani Mpungose, naye ongafunanga ukwanda kakhulu ngamazwi, ukuqinisekisile ukuthi abeMpungose Attorneys bayalusebenza lolu daba.

Yize bekuqinisekisile ukuthi likhona icala elivulwe esiteshini samaphoyisa eDurban Central, kodwa kuze kwashaya isikhathi sokushicilela amaphoyisa engakuqinisekisanga lokhu.