Izindaba

Kusolwe ijaji ngokwenzelela 'ufishi omkhulu' osolwa ngokubulala

Zimbili Vilakazi|Published

Ikhomishana kaMadlanga

Image: Picture: Kamogelo Moichela/IOL News

UMENGAMELI wamaJaji osabambile eNkantolo eNkulu yaseGoli, uAubrey Phago Ledwaba, usolwe ngokuchema ngesikhathi ededela ngebheyili usomabhizinisi osematheni osolwa ngokubulala, uMnuz Katiso "KT" Molefe. 

Lokhu kuvele kwiKhomishana kaMadlanga ngesikhathi kufakazi ofihliwe ngokwesabela ukuphepha kwakhe, ongumphenyi wethimba elaziwa ngeSAPS Gauteng Organised Crime Unit.

Lo fakazi uphenya icala lokubulawa kukaMnuz Armand Swart, owayengunjiniyela waseVereeniging, owadutshulwa wabulawa ngo-Ephreli 17, 2024. 

UMolefe ubekwe icala lokubulala uSwart kanye nezinye izinkabi ezintathu okungoWarrant Officer Michael Pule Tau, Mnuz Musa Kekana noMnuz Tiego Floyd Mabusela.

Ufakazi utshele ikhomishana ukuthi isinqumo sikaLedwaba besihleliwe. 

“NgoJuni 2025, lolu daba lwalalelwa eNkantolo eNkulu yaseNorth Gauteng, ePitoli. Owayengamele udaba, bekuyiJaji elibambile uMengameli Ledwaba. Ngesikhathi lolu daba luqhubeka, ngangingeneme ngokwakuhlaluka, ngabona sengathi ijaji seluluhlele kahle udaba,” kusho ufakazi. 

Uqhube wathi kuyena kwadwebeka isithombe sokuthi wayezimisele ngokunika uMolefe, owayesolwa ngamacala abucayi, ibheyili ehambisana nemibandela ethambile.

Ubalule okubili, athe kwamgqamela.

“Ummeli kaMolefe wacela ukuthi akwazi ukunyakaza esifundazweni saseGauteng noma aboshelwe ekhaya. Ijaji ngokwalo, labuza ukuthi ngeke yini kube umbandena oqine kakhulu ukuthi ukuboshelwa endlini njengoba enamabhizinisi kwezinye izifundazwe,” kusho ufakazi. 

Uthe ummeli kaMolefe waphendula wathi impela unenqwaba yamabhizinisi amenza ukuthi ahambele izindawo ezehlukene. 

“Wathi lokho kuyobikwa, bese kulindwa imvume ebhalwe phansi yomphenyi,” kusho ufakazi.

Uqhube wathi ijaji labuye laphakamisa eyokuthi uMolefe unentombi nengane abahlala KwaZulu-Natal, nokuyinto ummeli owaphendula wathi kungaba yibo abahambayo ukuyobona uMolefe.

Uthe yize ummeli wayezimisele ngokwamukela umbandela oqinile (webheyili), ijaji labalula ukuthi "ibheyili akufanele ibe yisijeziso".

“Ummangalelwa uye owayefaka isicelo sebheyili futhi eseshilo ukuthi uzimisele ukwamukela imibandela eqinile yebheyili kodwa ijaji labona sengathi iwukumcindezela kakhulu,” usho kanje.

Uthe kwaba buhlungu kuyena ukuhlala enkantolo alale konke lokhu, uthe waze wafonela abaphathi bakhe wabatshela ukuthi ucela ukuhoxa kulolu phenyo. 

NgoMsombuluko nangoLwesibili, ufakazi wokuqala ukufihlwa kule khomishini, onguzakwabo kalo ofakaze izolo, wafakaza ukuthi abanolwazi bamtshela ngaphambi kokufakwa kwesicelo sebheyili ukuthi uMolefe uzodedelwa ngebheyili kanti ukhokhe u-R2.5 million ukuze athole le nkululeko. 

Uthe ngokwejwayelekile, babukhona ubufakazi obabungenza uMolefe angayitholi ibheyili, njengokuthi unecala alenza e-United Kingdom ngo-2004. Uthe futhi unezincwadi zokuya kwamanye amazwe azibhalise ngaphansi kwegama elithi David Teboho Lebetsa.