Izindaba

Ufuna ubulungiswa ngewele elikhalakathele emhhumeni we-lift lashona

Zimbili Vilakazi|Published

Emakhazeni

Image: Chris Collingridge / Independent Newspapers

UFUNA ubulungiswa owesilisa oshonelwe yingane eyiwele ngoMgqibelo, kwathi elinye laphuthunyiswa esibhedlela kulandela isigameko sokuthi ekhalakathele emhhumeni we-lift ebinenkinga efulethini lakwaHomii Lifestyle, elisekhoneni lomgwaqo uJoe Slovo (Field) no-Anton Lembede (Smith).

Isolezwe lithole ukuthi yiwele lomfana, u-Aphelele Dlamini (8) elishonele endaweni yesigameko, kanti elentombazane lisesimeni esibucayi esibhedlela. 

Uyise wamawele, uMnuz Khaya Dlamini, ekhuluma nabeVuma FM, uthe isigameko senzeke izingane zakhe zidlala.

U-APHELELE Dlamini

Image: FACEBOOK

Uthe ifulethi linama-lift amabili, eyodwa yawo ayisebenzi.

“Le engasebenzi ivuleka njengayo le esebenzayo. Ayinalutho olukhombisayo ukuthi ayisebenzi. Umnyango wayo uma uwuphusha, uhlehlela ngaphakathi kuyo, ngakho izingane ziwuhlehlisile, zase zikhalakathela ngaphakathi,” kusho uDlamini.

Usole abanikazi bebhilidi ngokungakhombisi ukuzwelana naye, wathi selokhu kwenzeke isigameko, abakaze bakuthole ukwesekwa okuphelele.

Uthe bafone kanye, bathi bayazwelana naye, bathi uma kukhona abakudingayo mabasho.

“Angifunanga ukuthi ngikufake ekhanda lokho ngoba ngisematasa nalo osesibhedlela,” kusho uDlamini.

Echaza ngesimo sosesibhedlela, uthe ulimele kakhulu ekhanda, nasemgogodleni futhi uphuke nakwamanye amalunga omzimba.

Ebhala ezinkundleni zokuxhumana, uthe ufuna kuhlale obala ukuthi abaleli bhilidi abanandaba kangakanani nomndeni wakhe kulandela isigameko. 

Uthe ufuna abomthetho basebenze, athole ubulungiswa ngezingane zakhe. 

AbeHomii Lifestyle, eyengamele ibhilidi okwenzeke kulo isigameko, bakuqinisekisile ngesitatimende ukuthi isigameko senzekile ngempelasonto.

Bathe uphenyo olugcwele ngesigameko luyaqhubeka. 

“Sibambisene ngokugcwele nezinhlaka zomthetho futhi siyazibophezela ekutheni sizoqhubeka nokwenza njalo kuze kube wukuthi luyaphothulwa uphenyo,” kusho isitatimende.

Bathe badlulisa okukhulu ukudabuka kanjalo namazwi enduduzo emndenini kamufi, bathi bafisela osasesibhedlela ukululama okusheshayo.

Baveze ukuthi ithimba labo langaphakathi lizimisele ngokubanika usizo lokwelulekwa ngokwengqondo abakhahlanyezwe yisigameko, bathi bayaxhumana nomndeni owehlelwe wumshophi. 

Bengeze ngokuthi ukuphepha kwabahlali kanjalo nomphakathi kubaluleke kakhulu kubona. 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aseDurban Central, avule idokodo lokufa komuntu kulandela isigameko.