Izindaba

UCele nenhlambuluko yokwazana noMatlala wodumo

Zimbili Vilakazi|Published

Owayengungqongqoshe wamaphoyisa uGeneral Bheki Cele

Image: Photographer: Armand Hough / Independent Newspapers

OWAYENGUNGQONGQOSHE wezamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele, uvume eyokwazana nosomathenda osematheni, uMnuz Vusimuzi "Cat" Matlala. Ubevele ePhalamende izolo, phambi kwekomiti eliphenya izinsolo ezenziwa uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi. 

UCele utshele leli komiti ukuthi uyahlambuluka ukuthi usehlangane kaningi noMatlala ezindaweni ezehlukene, kuzona ubale ihhotela laseThekwini iBeverly Hills, Ballito naseSandton. 

Uthe ngesikhathi evakashela imizi kaMatlala izikhawu ezimbili, wayeseyisakhamuzi esijwayelekile, wathi konke lokhu kwavela odabeni olwabhalwa yintatheli.

Uthe wacacisa ukuthi akasiye umngani noma uphathina kaMatlala kwezamabhizinisi.

“Ngachaza ukuthi ngiyamazi ngoba kunezinto esixoxa ngazo kodwa asibambisene kwezamabhizinisi futhi asibona abangani,” kusho uCele.

Ngaphambi kwalokho, uCele uthe wahlangana noMatlala okokuqala ngqa ngoDisemba 2024.

“Sahlangana ehhotela iBeverly Hills eThekwini,” kusho uCele othe uMatlala wafika nendodana kasomabhizinisi waKwaNongoma amaziyo.

Uveze ukuthi uMatlala wathi ufune ukuhlangana naye ngoba kunezinto ezimbili ezingamhleli kahle. 

“Eyokuqala; wathi uzithola ehlukumezekile futhi esetshenziswa emidlalweni angayiqondi yezepolitiki, njengoba uMchunu (Senzo) noMogotsi (Brown) befuna atshale imali kwi-projekthi yokuthi uMchunu abe umengameli noma yiphini likamengameli (wezwe). Wangitshela ukuthi ubona lokhu kwenzeka ngoba esanda kuthola ithenda ka-R360 million,” kusho uCele.

Uthe inkinga yesibili uMatlala ayethula; eyokuthi kwagasela amaphoyisa kwakhe ngoDisemba 6, 2024, ngezinsolo zokubandakanyeka emshikashikeni wezidakamizwa.

“Yilapho engathola khona ngokuthi iPKTT isifudukele eGoli, ukuyolekelela khona,” kusho uCele.

Uthe wabe eseveza nokuthi uLieutenant General Shadrack Sibiya umyalele ukuthi abhale incwadi efungelwe, athi amaphoyisa agasela emzini wakhe, ebe iwashi leRolex kanjalo nobucwebe bomkakhe.

“Wangazisa ukuthi uSibiya umyalele ukuthi enze kanje khona uMajor-General Khumalo (Jabulani) ezoboshelwa leli cala, avele enkantolo, bese naye ekwazi ukumbeka kahle icala ngaphakathi emaphoyiseni,” kusho uCele othe ngokuzwa kwakhe ukwebiwa kwalezi zinto kwakungazange kwenzeke nhlobo. 

Ngaphambi kwalokho, ukhuculule phansi ngoNgqongqoshe wezamaPhoyisa omisiwe, uMchunu, echitha eyokuhlakaza kwakhe ithimba eliphenya ngezigameko zokubulawa kosopolitiki KwaZulu-Natal, iPolitical Killings Task Team (PKTT). Uthe washaya eceleni.

Uthe okokuqala, ungqongqoshe akanawo amandla okubumba noma awokuhlakaza ithimba.

“Ngikhuluma ngethimba noma lwaluphi uhlobo. Leli-ke (esho iPKTT), lalilikhulu kakhulu ngoba lamenyezelwa uMengameli (Cyril Ramaphosa) futhi libandakanya iminyango ehlukene,” kusho uCele.

Ebeka izizathu, uthe ngesikhathi libunjwa, lafaka ongqongqoshe beminyango ehlukene, kuyona kukhona owamaPhoyisa, owezokuVikela, owezamaJele, uPhiko lwezokuShushiswa koMphakathi kanjalo nowezobuNhloli.

“Njengoba labunjwa wongqongqoshe abehlukene, kwakufanele uma selihlakazwa, kwenziwe ngendlela efanayo. UMchunu wayengenawo amandla okuthi yena yedwa, athi akuhlakazwe iPKTT ngoba yayingafaki phakathi umnyango wakhe yedwa,” kusho uCele.

Uphinde wenza umzekelo wokuthi ngesikhathi uMchunu ethi alihlakazwe ithimba, bekukhona amacala abucayi ebephenywa. Wenza isibonelo ngelokubulawa kwekhansela laKwaNongoma, lapho okwaboshwa khona imeya, iphini layo nemenenja kamasipala.

“Uma uhlakaza leli thimba uthi akwenzekeni emacaleni afana naleli laKwaNongoma?” kusbuza uCele. 

Ubuye wathi akufanele kube yisizathu esizwakalayo ukuthi iPKTT imosha imali.

“I-PKTT ayilona lodwa ithimba elikhona elasungulwa. Kukhona nelinye eliseWestern Cape okuthiwa i-Operation Thunder, elasungulwa ngesikhathi esicishe sifane nesePKTT. Alishibhile. Ezinyangeni ezingu-25 lisunguliwe, kwase kukhishwe u-R116 million,” kusho uCele.

Wenze umzekelo wokuthi lelo thimba alishoyo lalinamalungu angu-200 avela ezifundazweni ezehlukene, elaliswa emahhotela lapho ilungu lilinye likhokhelwa u-R800, ngobusuku obubodwa.

“Ungazibalela-ke ukuthi imali esichithiwe (ngamahhotela ewodwa) kusuka ngo-2018 kuze kube yimanje,” usho kanje.

Ebuzwa ngokuthi uyamazi yini uMnuz Brown Mogotsi, uCele uthe akamazi, akakaze ahlangane naye ubuso nobuso. 

“Ngisanda kumazi njengoba esedunyiswe abezindaba mumva nje,” kuphendula uCele.

Uvumile ukuthi useke walala kabili emzini kaMatlala, wathi wayemfida ngolwazi.

Ephawula ngokwashiwo uMkhwanazi ngoSibiya, uthe kwammangaza ukuthi ambize ngesigebengu.

“Kodwa ngaba nokuthi angisilo iphoyisa ngakho ngeke ngibe nalwazi lokuthi yini engenza iphoyisa libize elinye ngesigebengu. Ngaba nomuzwa wokuthi konke akushilo kudinga ukuthi kuphenywe,” kusho uCele.

Ephawula ngoMkhwanazi, uthe uyiphoyisa eliqotho kakhulu kodwa lokho akusho ukuthi akanamaphutha.