Izindaba

Injabulo kuboshwa abasolwa 'abawuhlupho' eMolweni

Zimbili Vilakazi|Published

Basezikhindini abasolwa ngokuba wuhlupho eMolweni

Image: IOL

KUBE nenjabulo emphakathini waseMolweni, ngaseHillcrest, eThekwini, amaphoyisa eshaqa imigulukudu emihlanu, ebisolwa ngokuhlalisa lubhojozi umphakathi.

Ngokusho kwamaphoyisa, abasolwa abaneminyaka ephakathi kuka-21 kuya ku-25, zibakhalele izolo. 

Ilungu lomphakathi eliphinde libe yilungu leCommunity Policing Forum (CPF) eMbo, lithe nakuba bebengakabikelwa ngokugcwele njengohlaka olulwa nobugebengu kodwa ziyabajabulisa lezi zindaba.

“Bahluphe kakhulu laba bafana, siyajabula uma kuthiwa baboshiwe. Bese bekhathazile ngobugebengu obubucayi endaweni,” kusho ilungu le-CPF.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe phakathi kwamacala ababoshelwe wona abasolwa kukhona elokubulala, elokuzama ukubulala, elokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni kanjalo nezinhlamvu. 

Uthe amaphoyisa abhadame abasolwa becashe KwaNgcolosi.

Uthe amaphoyisa ophiko lweCrime Intelligence ahlanganise imininingwane ngomkhondo wabasolwa ebebefunwa uthuli ngecala lokubulala uMnuz Sibongiseni Mkhize noMnuz Squmane Gasa.

“Badutshulwa bafa ngoJanuwari 18, nonyaka, eMbo,” kusho uConst Ngcobo.

Uthe imininingwane idluliselwe ophikweni lweProvincial Task Team, oluvele lwanikela KwaNgcolosi.

“Ngesikhathi efika amaphoyisa, athole amadoda abephakathi endlini. Kuthe uma esesha indlu, athola isibhamu nezinhlamvu,” kusho uConst Ngcobo.

Uthe uphenyo lwamaphoyisa luveze ukuthi abasolwa bebehlela ukuyokwenza elinye icala lokubulala. 

“Zivele zabakhalela, kwavela nokuthi bafunelwa noxhaxha lwamacala okugqekeza imizi endaweni,” usho kanje.

Uthe kulindeleke ukuthi bavele eNkantolo yeMantshi yasePinetown, namuhla.