Izindaba

Abomndeni kamufi banxaphe baze bakhishwa enkantolo kulalelwe esebheyili

Zimbili Vilakazi|Published

UMUFI uMnuz Sphiwe 'Mapi' Ndlanzi

Image: SITHUNYELWE

WEHLULEKILE ukuzibamba umfowabo kamufi enkantolo, wasukuma wachaya izandla, edemelayisa, waze wakhishwa ngaphandle, izihlobo ezisolwa ngokubulala zifaka isicelo sebheyili.

Lokhu kwenzeke eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma izolo, kuvela uMnuz Sibongiseni Kunene (51), indodana yakhe uMnuz Siyabonga Mhlongo (31) kanjalo nendodakazi, uNksz Amanda Mhlongo (28).

Basolwa ngecala lokuthumba nokubulala uMnuz Sphiwe "Mapi" Ndlanzi (39) ngeSonto eledlule.

Kuthiwa babemsola ngokweba isibhamu sikaKunene, okwabuye kwavela ukuthi wayesibambise umnikazi wendawo yokucima ukoma, ezibona ukuthi usedle kakhulu amanzi amponjwana. 

Umfowabo kamufi, uMnuz Xolani Mazibuko, unengekile ngesikhathi ummeli wabasolwa esefunda incwadi efungelwe kaSiyabonga, abezicelela ngayo ukudedelwa ngebheyili.

Ummeli unele wafunda umugqa othi: “Umsolwa uzimisele ngokuveza ubumsulwa bakhe.”

UMazibuko, obese kunesikhathi evele enxapha yedwa, aphinde anikine nekhanda, usukume wabuza ukuthi yibona buphi ubumsulwa okukhulunywa ngabo ngoba umfowabo bambulala?

“UMapi akekho namhlanje ngenxa yabo laba,” esho ebakhomba ngezandla.

“Ibona buphi ubumsulwa abathi bazobuveza ngoba uMapi bambulele?” kubuza uMazibuko.

Ujoyinwe omunye wesilisa, okuvele ukuthi naye uyisihlobo, bawukhuza bededelana "umhlola". 

Kuphoqe ukuthi iphoyisa nomshushisi woMbuso ukuthi basukume babakhiphele phandle, bengasalawuleki ngenxa yokudinwa.

Encwadini efungelwe kaKunene, kuvele ukuthi usebenzela uMasipala weTheku, uganiwe, unezingane ezintathu, okukhona kuzo lezi aboshwe nazo kanjalo nenye, okuvele ukuthi ineminyaka engu-17.

Ezikhalela ngokuthi adedelwe, uthe akuwona nje kuphela umndeni wakhe othembele kuye kodwa kukhona nezinye izihlobo, kanjalo namalungu omphakathi awondlayo. Kuvele ukuthi unesifo esingamahlalakhona.

USiyabonga yena uveze ukuthi unengoduso, ingane esencane, uqashwe njengetoho eMnyangweni wezoBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu. Naye kuthiwa unesifo esingamahlalakhona. 

U-Amanda yena kuvele ukuthi lapho esebenza khona uyisisebenzi esejwayelekile (general worker), wathi uzimisele ngokuveza ukuthi umsulwa.

Bonke kuvele ukuthi abanawo amacala ake abalahla phambilini, awekho abawahambayo ngaphandle kwaleli, azikho izincwadi ezikhishelwe ukuthi baboshwe, azikho ezesivimbelo futhi abanazo izincwadi zokuya kwamanye amazwe. 

Baphinde baveza ukuthi bangakwazi ukukhokha ibheyili ka-R1 000 umuntu emunye. 

Umshushisi woMbuso, uNksz B Mncwango, uthe umbuso uyasiphikisa isicelo sebheyili.

Wathi ngokomphenyi wecala, ngabe inkantolo ayibenzi ubulungiswa uma ingadedela abasolwa.

“Kungathumela umyalezo ongemuhle ngokusebenza kwezinkantolo emphakathini. Kwabona abasolwa abaphephile uma bengadedelwa ngoba umphakathi udiniwe kakhulu,” kusho uNksz Mncwango.

Uphinde waveza nokuthi kukhona i-petition enamagama abantu abangaphezu kuka-100, abathe abangadedelwa ngebheyili.

Ngosuku lwesigameko, kuthiwa umufi wayesanda kubuya emngcwabeni, lapho ayephethe uhlelo.

Kuthiwa esebuyile, waphuma kubo wayozihlalela nabangani bakhe ngaphandle kwakubo. Kuvela ukuthi uKunene wadlula ngemoto ngakubo, bathi ukuncokola kancane, wase ehamba. 

Kuvela ukuthi wabuye wabuya engasagayelwe mphako, ebuza umufi ukuthi siphi isibhamu sakhe? Kuthiwa wathi uma esiphika, bamlayisha emotweni, bahamba naye, bayomshayela kubo.

Kuthiwa sebemshayile, bamsonga ngengubo, bayomlahla ngasemtholampilo iPoly. Kuvela ukuthi watholwa onogada, bamfaka ngaphakathi, wagonyuluka ngakho konke okumehlele ngaphambi kokuba shone. 

Icala lihlehlele usuku lwanamuhla ukuze uMbuso nommeli baphikisane ngamaphuzu, bese inkantolo ikhipha isinqumo.