Izindaba

Bakhala ngokujikelwa amaphoyisa kubulawa 'iphara ebelihlupha umphakathi'

Zimbili Vilakazi|Published

UMPHAKATHI waseNtuzuma ubuphume ngobuningi uzokweseka abasolwa

Image: SITHUNYELWE

UMNDENI wabasolwa abathathu kwabane bakwa-E eNtuzuma, ukhala ngokujikelwa amaphoyisa esiswini njengotshwala, emva kokuthi bebekwe icala lokubulala "iphara".

Abasolwa, okukhona kubo inhloko yekhaya, amadodana amabili nomakhelwane, bebevele eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma, ngoMsombuluko, ngecala lokubulala umufi obedume ngelikaNqo.

Basolwa ngecala lokubulala owesilisa wasemijondolo engaphesheya kwaka-E, eyaziwa ngokuthi yiseSoweto, okuthiwa washaywa kanzima wumphakathi owawusukhathele ukuhlushwa wuye ngenyanga edlule. Kuthiwa umufi washonela emtholampilo aphuthunyiswa kuwo emva kwesigameko.

Abasolwa, oMnuz Sbusiso Jali (64), Siyabonga Jali (27), Nkanyiso Jali (25)  noSandile Dlamini, ababoshwe ngoLwesine, bebevele okokuqala kule nkantolo ngoMsombuluko.

Badedelwe ngebheyili ka-R1 500 umuntu emunye, icala lahlehliselwa uDisemba 10. 

Silandisa ngesigameko isihlobo sabasolwa, uNksz Maxoli Jali, sithe ngosuku lwesigameko umufi wayesengene kathathu endlini yakubo yokugcina amasiko engulawondi, weba impahla.

Uthe okokuqala, weba ngempumelelo ikesi likabhiya nebhodlela likagologo. Uthe wabuya isibili, wathatha ama-battery emoto. 

“Kuthe esebuya isithathu, esezokweba okunye, ngeshwa wakhiyeleka ngaphakathi, wangabe esakwazi ukuphuma,” kusho uNksz Jali.

Uthe kwaze kwaqhamuka asebeboshiwe, bavula, bamkhiphela ngaphandle, maqede kwatheleka umphakathi owawudinwe uthelwa ngamanzi.

“Ebona ubaba ukuthi badiniwe futhi bafuna ukumudla luhlaza abantu, wabacela ukuthi abamkhiphele ngaphandle kwakwakhe, wabanxusa ukuthi bangamthinti,” kusho yena.

Uthe kwaba nhlanga zimuka nomoya njengoba kwase kuphele izinyanga umphakathi ukhala ngokuhlushwa umufi ngobugebengu. 

Uveze ukuthi umphakathi wasina wazibethela kuye ngezinduku nangokunye.

Uthe uyise wazama ukushayela ucingo amaphoyisa, ewabiza ukuba azongenelela.

“Ebona ukuthi akaphumeleli, wavele wanikela khona msalofu esiteshini samaphoyisa. Wabuya edangele, ethola impendulo ethi, awayingeni indaba yamaphara wona,” kusho uNksz Jali.

Uthe bathola ukuthi ugcine eshonela emtholampilo umufi.

Uthe kuke kwathi ukuthuleka, kwaze kwaba ukuthi umndeni kamufi uyasukuma ngesigameko, kwase kuba ukuthi umthetho usujikela umndeni wakhe. 

“Bezobopha ubaba, abafowethu nomakhelwane, bathi bababopha ngoba yibona ababa wumsusa wokuthi umufi agcine eshaywa ebulawa, yize babengekho ngesikhathi esehlaselwa umphakathi,” usho kanje.

Uthe baphatheke kabi ngokwehlele umndeni wakhe njengoba ethi bazizwa bengabantu abajikelwe ingalo yomthetho esiswini njengotshwala.

“Ukube amlalela ubaba ngesikhathi ewabiza, ebika ukuthi nanku uphakathi ufuna ukuhlasela umufi, ngabe asikho la ngoba ayezofika, akhuze umphakathi bese ethatha umufi, amvalele esitokisini,” usho kanje.

Uthe okunye okubaphatha kabi ukuthi kunoxhaxha lwamacala avulwe amalungu omphakathi ngokwehlukana, ebika iziwombe zobugebengu lapho abehlushwa khona umufi kodwa kungenziwa lutho.

“Umphakathi uze waphoqeleka nokuthi ufake amakhamera ezitaladini zelokishi, kuwona umufi uvela kaningi eba izinto zomphakthi kodwa amaphoyisa awakaze amthathele izinyathelo,” kusho uNksz Jali.

Enkantolo kuqapheleke ukuthi bekugcwele amalungu omphakathi, abezokweseka abasolwa. 

Imizamo yokuthola umndeni kamufi ayiphumelelanga.