Izindaba

Sigculise umndeni kamgilwa isigwebo sowenza amacala ephindelela

Zimbili Vilakazi|Published

Ugwetshwe kanzima owahlasela walimaza owayeyintombi

Image: Sigciniwe

INKANTOLO yeMantshi yaseVerulam imgixabeza ngesigwebo esinzima owesilisa olahlwe amacala amabili okuthiwa wawenza kwisinqandamathe sakhe, okukhona kuwo nelokuzama ukusibulala.

Olahlwe yicala, uSbusiso Mkhize (45), ubevele phambi kwale nkantolo ngecala lokugwaza ephindelela uNksz Slindile Hlophe ngoDisemba 25, 2024, nelesibili lokumshaya okuthiwa lenzeka ngoNovemba 3, 2024.

Imantshi uMnuz Sanele Hlatshwayo imgixabeze ngeminyaka engu-22 kwelokuzama ukubulala, yase imnika izinyanga ezingu-12 kwelokushaya.

UHlatshwayo unqume ukuthi uMkhize azidonse kanyekanye izigwebo, waphinde wanquma nokuthi angaphinde abe nemvume yokuphatha isibhamu noma ukuba naso.

Kuvele ukuthi wawenza ngezinsuku ezihlukene uMkhize amacala emva kokwaliwa umgilwa ngo-Okthoba 2024.

Kuthiwa ngoNovemba 3, 2024, uMkhize wanikela lapho okwakuhlala khona ummangali, wafike wamklinya, wamkhiphela nommese, wamsabisa ngokuthi uzomkhipha amehlo futhi uzombulala.

Kuthiwa umgilwa wamvulela icala ummangalelwa, waboshwa. Kuvele ukuthi wadedelwa ngebheyili eyayinemibandela enzima. Phakathi kwayo, kwakukhona nothi akufanele asondele kumgilwa. Nokho ngoKhisimusi, ummangalelwa wacathamela ummangali, wamgwaza ezindaweni ezibucayi ephindelela, waze wamphula umlenze. Kuvele ukuthi wagwaza ekhanda, ebeleni langakwesobunxele nangemumva.

UHlatshwayo ngaphambi kokuba athule isigwebo uthe ummangalelwa ukhombise ngokusobala ukuthi akakugqizi qakala ukusebenza kwengalo yomthetho.

“Ukhombise okukhulu ukungayihloniphi ingalo yomthetho. Wenze icala lokuqala, inkantolo yakudedela ngebheyili. Esikhundleni sokuhlonipha imibandela owanikwa yona, wavele wahamba wayokwenza elinye icala elibi kakhulu kunelokuqala,” kusho uHlatshwayo.

Unikwa lesi sigwebo nje, umgilwa ngesikhathi engene ebhokisini lofakazi uthe ufisa athole udikikajele.

“Ngingajabula uma enganikwa udilikajele ngoba angifuni ukuphinde ngimbone. Ngiyasaba,” kusho uNksz Hlophe.

Uthe isigameko samlimaza kakhulu njengoba kwaphela izinyanga ezimbili engakwazi ukuhamba, wahlala engayi emsebenzini lapho angunogada khona.

Uveze ukuthi ngesikhathi ehleli ekhaya wayengaholi ngakho wakhahlamezeka kakhulu ezimalini.

OLAHLWE yicala, uSbusiso Mkhize, unikwe isigwebo esinzima ngecala lokuzama ukubulala owayeyintombi

Image: ZIMBILI VILAKAZI

Uveze nokuthi namanje akakalulami kahle njengoba esahlushwa yikhanda, izibazi zibuye zilume nomlenze ubuye ube buhlungu. Uthe akazange akuthole ukwelulekwa ngokomqondo njengoba namanje esabuye aqwashe ebusuku, azizwe enovalo lokuthi umsolwa uzophinde adlubulundele, azomenzakalisa.

“Angilwamukeli nhlobo uxolo lwakhe ngoba wayekuhlelile lokhu,” kusho uNksz Hlophe, oveze ukuthi base bethandane noMkhize iminyaka emithathu nohhafu.

Ezicelela isigwebo esincane uMkhize, phakathi kokunye, ukhale ngezingane zakhe ezine, ezineminyaka ephakathi kweyisishiyagalombili no-15, athe zisencane, bezisamdinga ukuthi azinakelele njengobaba.

“Eyodwa ibihlala nami, kuthi lezi ezinye zihlala nonina. Bengizondla ngemali ephakathi kuka-R300 kuya ku-R500 ingane ngayinye,” kusho uMkhize, othe ubeziphilisa ngomsebenzi wokwakha.

Uthe izihlobo ezimvakashela ejele ziyamtshela ngokuthi kuvuleke isikhala ezinganeni njengoba engaphakathi, wathi ufisa ukuxolisa kakhulu kumgilwa, umndeni wakhe kanjalo nowakhe.

“Ngiyalivuma icala ngenxa yomthetho. Ngangozama ukuzivikela ngesikhathi kwenzeka isigameko. Ngiyakwamukela ukuthi ummangali akasangifuni. Kulandela konke okwenzekile, sengiyabona ukuthi kwakungafanele sibe ndawonye kwasekuqaleni,” kusho uMkhize.

OLAHLWE yicala, uSbusiso Mkhize, unikwe isigwebo esinzima ngecala lokuzama ukubulala owayeyintombi

Image: ZIMBILI VILAKAZI

Uthe njengoba eseboshiwe, ubuyelwe yingqondo, wacabanga ukuthi usekhulile, kufanele ingabe usenomuzi nomfazi, anakekele izingane nomndeni wakhe.

“Ngiyaxolisa kakhulu kuyena. Uwumuntu ongazi kangcono, kuningi esikuhlanganisile ndawonye, wazi kahle ukuthi yini eyabangela lesi sigameko,” kusho uMkhize, othe uyazisola kakhulu ngaso.

Ummeli wakhe, uMnuz Danver, unxuse inkantolo ukuthi imnike isigwebo esincane, wathi ayikucabange ukuthi uMkhize ubeqala ngqa ukwephula umthetho ngalawa macala, uyazisola futhi isigameko senzeka eyozama ukumncenga ukuthi babuyelane.

Umshushisi woMbuso, uMnuz Ntuthuko Mngadi, uthe inkantolo ayimnike isigwebo esibekelwe abenze amacala afanayo ngoba akakhombisi nhlobo ukuzisola.

“Uzisola ngoba usenkingeni, hhayi ngoba uyalibona iphutha lakho. Ukumhlasela kwakho isibili ngoDisemba, usudedelwe ngebheyili emva kokumhlasela okokuqala, kukhombisa ukuthi awuwuhloniphi umthetho,” kusho uMngadi.

UHlatshwayo ethula isigwebo uthe ngokomthetho icala lokuzama ukubulala linesigwebo sikadilikajele nokho wathi uzothi ukwehla kancane lapho.

“Ngesizathu sokuthi ubuqala ukuphambana nengalo yomthetho eminyakeni yakho engu-45,” kusho uHlatshwayo.

Nokho ubuye wathi isigwebo kufanele sithumele umyalezo kuye umenzi wobubi, abanye abacabanga njengaye, ababona befanelwe ukuzama ukubulala abesifazane abangenamandla okuzivikela.

Uthe uyayichitha eyokuthi wayezama ukuzivikela njengoba bungekho ubufakazi obeseka lokhu, wathi okwesibili ummangalelwa akalimalanga ngendlela yokuthi wayesesimweni sokulwela impilo yakhe.

Umfowabo kamgilwa, uMnuz Sbonelo Hlophe, obekhashwe amalungu eMK ngaphandle kwenkantolo uthe: “Siyasamukela isigwebo anikwe sona. Akakhombisanga ukuzisola kodwa ubelokhu ethi wayezivikela, ekubeni sazi kahle ukuthi udadewethu ubengawuphathi ngisho ummese.”

Uthe bakholelwa ukuthi wayehlose ukumbulala udadewabo nokho wanqandwa ukuphuka kommese ayemhlasela ngawo.

“Sijabule ngesigwebo ngoba ukube awuphukanga ummese ngabe samngcwaba thina udadewethu,” usho kanje.