UBUHOLI obusha kuMasipala waseMkhanyakude obuholwa yiMeya uMnuz Comfort Khumalo bebuhlangene nabezindaba ukuzochaza ngokuzokwenzeka manje njengoba busanda kuthatha izintambo
Image: Sithunyelwe
UBUHOLI obusha kuMasipala waseMkhanyakude buthi kuningi okumele kushintshe njengoba kukhona abantu abaphethe izikhundla eziphezulu yize bengenazo iziqu ezifanele.
Lokhu kuvezwe yiMeya entsha, uMnuz Comfort Khumalo, engene esikhundleni ngokubambisana kwe-IFP neNFP emva kokuketulwa kwe-ANC.
UKhumalo uthe okumele baqale bakulungise yindlela obekuphethwe ngayo imali kulo masipala, wubuholi obuphumile.
Uthe babeke eqhulwini ukuqoqwa kwetshe lemali umasipala oyikweletwa yizakhamuzi, wathi bazosukumela indaba yezimenenja ezisezikhundleni yize "zincwade kancane" bese kuba wudaba lwabasebenzi abaxebula umkhoma ngokusebenza isikhathi esengeziwe ngendlela engaqondakali.
"Okusikhathazayo yindlela imali ebisebenza ngayo ebuholini baphambilini. Kodwa njengoba sesingenile manje sizolungisa indaba yabasebenzi abebezitapela imali ngokusebenza isikhathi esengeziwe okuyinto ebiyenzeka ngendlela oengafanele. Ngeke umsebenzi athole imali yesikhathi esengeziwe edlula umholo wakhe. Lokhu kuveza ukuthi kukhona inkinga ebikhona.
"Okunye sifuna ukulungisa indaba yabasebenzi abasezikhundleni eziphezulu kodwa beneziqu ezingafanele. Kunabantu lana abano-matric kodwa baphethe abantu abaneziqu ezifanele nokuyinto engahambisi kahle umsebenzi. Sizophinde sihlangane namalungu omphakathi njengoba sifuna ukuthi kukhokhwe izikweletu abazikweleta umasipala ezingaphezu kuka-R300 million. Njengoba singenile kungasijabulisa ukuqoqa imali engu-R100 million njengoba isiningi kakhulu esiyikweletwayo," kusho uKhumalo.
Uthe okukhulu ngaphansi kwalo masipala yindaba yamanzi, eyezimoto ezihambisa amanzi emphakathini nayo abazoyibheka.
Uveze ukuthi njalo ngesonto bazimisele ukuthi baye emphakathini bayokwethula intuthuko ukuze kuxazululeke izingqinamba eziningi ezikhona.
"Udaba lwamanzi lana eMkhanyakude yilona esizolubheka kakhulu kusuka manje. Sizimisele ukuhlangana nomphakathi siwethulele intuthuko, ukuze sibone ukuthi siya kanjani phambili, sizolungisa isimo manje siyise emphakathini okudingekayo," kuchaza yena.
Siyabonga kuNtuli obambe eseMenenja kulo Masipala, othe bazothola indlela yokuthi umasipala ungenise imali bangahlali basonge izandla bathi imali ayikho.
"Inkinga esiyibonile lana eMkhanyakude wukuthi njalo unyaka ubuphela sekuvalwe amehlo, isimo semali sesingesihle. Kodwa manje sekumele sibheke ukuthi siya kanjani phambili ukuze sishintshe isimo sikamasipala. Isimo asisihle kodwa sizokwenza konke okusemandleni ukubuyisa ithemba ebantwini sibahambisele intuthuko," kuchaza yena.
Uthe okwamanje ngenxa yesimo semali akulula ukuthi abantu bathole amanzi bonke kompompi, kodwa bazokulungisa konke lokho.
Related Topics: