U-CONSTABLE MUFI Sbonelo Ngidi
Image: SITHUNYELWE
UMNDENI wephoyisa okuthiwa lingqoklozwe elinye ngenhlamvu lafa, uthi usola ukuthi kukhona okunye okungale kwekhethini ngokubulawa kothandiweyo wawo.
Usho lokhu ngaphandle kweNkantolo yeMantshi yasePinetown, izolo, kulandela ukuvela kukamsolwa, ezimkhalele ngoLwesihlanu.
Esigamekweni esenzeke ngo-Okthoba 10, uConstable Andile Philani Zulu (40) udubule ephindelela uConstable Sbonelo Ngidi (29) komunye yemigwaqo yaseMariannhill, ePinetown.
Kuthiwa umsolwa obesebenza esiteshini samaphoyisa esiseduze kwesiteshi sikaloliwe i-Escombe, eScottburgh, upake imoto yakhe yohlobo lweVW Polo emhlophe, phakathi nomgwaqo, wehla eyochama.
Kuvela ukuthi umufi obevinjwe yile moto, ubuze umsolwa, owehle maqede wabonakala ukuthi kukhona isibhamu enqulwini, ukuthi: “Bafo kungani ungivimba emgwaqweni?”
Kuvela ukuthi umsolwa waphendula ngethi: “Yima ngisachama”.
Kuthiwa umufi wambuza ukuthi lokhu akwenzayo, ukwenza ngoba nakhu ephethe isibhamu yini, umsolwa kuthiwa waphendula ngokuthi: “Yini ufuna ngisifake kuwena yini? Ngilinde-ke ngiqede ukuchama.” Nebala kuthiwa wathi uma ebuya, wamdubula ngempela ephindelela.
Enkantolo kuvele ukuthi mane amacala umsolwa abhekene nawo. Kuwona kukhona elokubulala umufi, elokuzama ukubulala owesilisa owayehamba nomufi, elokushayela budedengu nelokuphatha isibhamu edle amanzi amponjwana.
Umfowabo kamufi, uMnuz Siya Ngidi, uthe basola ukuthi umsolwa wayenezinye izinhloso ngokubulala umfowabo.
“Uyiphoyisa, uyawazi umthetho. Uma ethi wayemdubule ngephutha ngoba edakiwe, kwakufanele azinikele emaphoyiseni masinyane uma sekudamuke utshwala,” kusho uNgidi.
Uthe ukulinda kwakhe kuze kuphele izinsuku eziyisikhombisa, ngaphambi kokuba azinikele, nakhona ngoba esezwa ukuthi useyafunwa amaphoyisa vele, kudweba esinye isithombe.
Uveze ukuthi nanokushisa kwakhe imoto ayehamba ngayo, emva kwesigameko, ezama ukucisha ubufakazi kwakukhomba ukuthi wayephezu komqondo futhi ekwazi kahle akwenzile.
Udadewabo kamufi, uNksz Nombuso Ngidi, uthe bayabufuna ubulungiswa ngecala ngoba balimele kakhulu bewumndeni ngomfowabo obulawe emcane.
“Besisabheke okuningi kuye. Ubenezingane ezisencane ezintathu nabazali asebebadala. Abazali basuke belinde ukuthi yizingane zabo ezizobangcwaba,” kusho uNksz Ngidi.
Uthe bafuna umthetho udlale indima yawo, bathole nesizathu sokuthi kungani umsolwa ebulale umfowabo ngesihluku?
“Yayingekho enye indlela okwakungenzeka ngayo ngaphandle kokuthi ambulale?” kubuza uNksz Ngidi, oveze ukuthi bahlalele ovalweni, abazi ukuthi le nto isuka kuphi, wathi uma engadedelwa ngebheyili, bayasaba ukuthi angeza kubo azobenzakalisa.
Uthe kubamangazile ukuthola ukuthi umsolwa uyiphoyisa, wathi bona bazi ukuthi umuntu oyiphoyisa kufanele ngabe wuye ovikela umphakathi.
Uthe ngesikhathi bembona enkantolo, baqaphele ukuthi ukhombisa ukungazisoli.
“Indlela abesibuka ngayo, ngathi uyasinyanya. Sibone ukuthi akazisoli, wayenenhloso ngakwenzile. Umthetho awenze ubulungiswa,” usho kanje.
Umshushisi woMbuso, uMnuz Cameron Roode, uthe ucela icala lihlehliswe ukuze kuqinisekiswe ikheli umsolwa angaphuma ayohlala kulo, kuphinde kwenziwe nohlelo lokuthi akhonjwe.
Imantshi, uNkk Wendolyn Robinson, ilihlehlisele u-Okthoba 27, nonyaka, icala ukuze umsolwa afake isicelo sebheyili.
Umufi kuthiwa ushona nje, ubeneminyaka eyisithupha eqashwe ngokugcwele emaphoyiseni. Kuthiwa waqala evolontiya kusuka ngo-2014.
Related Topics: