Umjvo wokuvikela HIV
Image: Sigciniwe
IYAQINA imikhankaso yokulwa nokusabalala kwegciwane i-HIV kuleli njengoba sekunomjovo ozovikela ukutheleleka ngaleli gciwane.
Lo mjovo, i-Lenacapavir, uzojovwa ngawo kabili ngonyaka, okusho ukuthi njalo ezinyangeni eziyisithupha kumele ujove.
UNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli, uNksz Khumbudzo Ntshavheni, uthe iKhabhinethi ithole umbiko mayelana nezinhlelo zokusabalalisa lo mjovo, okulindeleke ukuthi uqale ukutholalaka kusuka ngoMashi noma u-Ephreli, ngonyaka ozayo.
"Lo mjovo i-Lenacapavir, uzosatshalaliswa ezifundeni ezingu-23, ezihaqeke kakhulu kuleli. Lezi zifunda zisezifundazweni eziyisithupha kanti uzotholakala emitholampilo engu-360," kusho uNksz Ntshavheni, ekhuluma esithangamini nabezindaba ePitoli izolo.
Izifunda ezihaqeke kakhulu KwaZulu-Natal kubalwa Amajuba, eThekwini, iLembe, King Cetshwayo, Ugu naseMgungundlovu.
Lo mjovo kuthiwa usuqalile ukusebenza emazweni afana neMelika, Europe naseCanada.
UNgqongqoshe wezeMpilo kuleli uDkt Aaron Motsoaledi, ekhuluma neNewzroom Afrika, uveze ukuthi umjovo akuwona owokuthithibalisa i-HIV/AIDS, kwabahaqekile.
Uthe asebehaqekile bazoqhubeka nokudla imishanguzo yabo ama-ARV.
"Lo mjovo owokusiza ukuthi ungatheleleki nge-HIV uma ungakabi nayo. Umjovo ufana ne-PrEP, okumanje iyiphilisi eliphuzwa njalo. Sihlose ukuvikela abangenayo iHIV, izingane zamantombazane ezisencane ezisengozini, abesifazane abakhulelwe kanjalo namadoda alala namanye," usho kanje.
Uthe ibalelwa ku-480 000 imijovo ezosatshalaliswa kuleli.
"Sizophuma sifundise abantu ukuze bangadideki ngendaba yomjovo. Umgomo ngukuthi kumele ujove kanye ezinyangeni eziyisithupha, uma ungajovi emva kwalokho uzoba sengozini yokutheleleka ngeHIV."
Uthe inhloso ngukuthi kwehliswe isibalo sabantu abahaqwa yiHIV kuleli minyaka yonke.
"Okusikhathazayo ngukuthi ngo-2023, abantu abangu-140 000 batheleleka ngeHIV. Siyanda isibalo sabatheleleka ngaleli gciwane," usho kanje.
Ugxeke nokutholakala kwemfumba yama-ARV, engozini eyenzeke eLimpopo ngeledlule lapho kushone khona abantu abangu-43 baseZimbabwe naseMalawi. Ibhasi yayisuka eGqeberha, iya kula mazwe.
"Lolu daba siluxoxile kwiKhabhinethi. Wubugebengu nje lobu akuvumelekile ukuthi kuphume imishanguzo engaka iye kwamanye amazwe."
UNksz Ntshavheni, uthe kuqalwe uphenyo ngokutholakala kwale mishanguzo kule ngozi.
"Ukwebiwa kwama-ARV kubukela phansi impi yokulwa neHIV kuleli. Abantu abayeke ukusebenzisa imithi eyebiwe ngoba lokho kuyicala elibomvu," usho kanje.