Izindaba

I-ANC izonquma maduze ngezokwenza ngeSACP

Mhlengi Shangase|Published

Fikile Mbalula

Image: X/ANC

UZOPHUMA ngenyanga ezayo umkhombandlela wokuthi yikuphi i-ANC ezokwenza ngeSACP enqume ukungenela ukhetho ngokuzimela.

Lo mkhombandlela uzophuma emhlanganweni wesigungu esiphezulu sale nhlangano njengoba abaholi abaphezulu be-ANC behlangana neCosatu.

UNobhala Jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, uthe bazobe sebehlangana neSACP, emuva kokuhlangana neCosatu.

Uthe bazobikela isigungu esiphezulu ngenyanga ezayo, ngokuthi ikuphi okuphume emhlanganweni wabo neSACP.

"Sisemahlukana ndlela neSACP. Isigungu esiphezulu sasiyalela ukuthi sihlangane neSACP, sixoxe ngodaba lokuthi amaKhomanisi azongenela ukhetho ngokuzimela. Siyazi amalungu e-ANC amagange, afuna kucace manje ukuthi ikuphi esizokwenza ngeSACP engajiki ekutheni kumnyama kubomvu ingenela ukhetho ngaphandle kwe-ANC. Umhlangano wesigungu esiphezulu wangenyanga ezayo, yiwona ozonquma ngesizokwenza. Sizoya emagatsheni siyochazela amalungu ngokumele akwenze," kusho uMbalula.

Usho lokhu ekhuluma engqungqutheleni iProvincial General Council eMpumalanga, ngempelasonto.

Uthe ayibahluphi indaba yokuthi amaKhomanisi angenela ukhetho ngokuzimela ngoba vele awatholi amavoti amaningi.

"Okhethweni lokuchibiyela bathola amavoti ambalwa. Vele amaKhomanisi ayengasungulelwe ukuthi angenele ukhetho ngokuzimela, ngaphandle kwe-ANC. I-ANC iyona enezibalo, ngisho enhlanganweni amaKhomanisi awafiki ngisho namavoti amaningi," usho kanje.

Uthe amalungu e-ANC awalinde, angajahi ukuxosha noma ukuhhewula amaKhomanisi.

"Ehlisani umoya, niphuze amanzi noma nizizwa ukuthi ninyukelwa ushukela. Akusithusi okwenziwa amaKhomanisi. Ziphatheni ngendlela efanele ngoba niyi-ANC. Ningathuswa wukugxekwa amaKhomanisi. Uma benigxeka, babuyiseni nibatshele okuyikhona." 

Uthe basafuna ukuthi iSACP ibe yingxenye yamadlelandawonye ahlanganisa iCosatu neSanco. 

"AmaKhomanisi ayaziwa ngokuthi anobuchule kodwa awanazo izinombolo zokuthi awine. Sisayidinga iSACP, ikakhulu ngalesi sikhathi esinzima esibhekene naso. Abaholi asebahamba kwi-ANC, ibona abangazange baqedele inkulumo namaKhomanisi ngendaba yokubuyekezwa kwamadlelandawonye. Thina asingeni lapho, sizosilungisa isimo," kusho uMbalula.

Unxuse amalungu ukuthi angasheshi aphonse ithawula ngodaba lweSACP.

Uthe kumele bakwazi ukuchazela izizukulwane ezizayo ukuthi bahluka kanjani neSACP, uma kungukuthi sekufike leso sikhathi.

"Umzabalazo udinga ukuthi sithandane. Kodwa uma uthando seluphelile, luphelile. Akukho esingakwenza. Umuntu ohlala naye uyambekezelela ngoba uyamazi uma ediniwe ukuthi uthintwaphi. Kodwa uma sekufike la ukhathala khona, akukho okungenziwa." 

AmaKhomanisi amile ekutheni noma kuthiwani, azongenela ukhetho ngokuzimela. Akhala ngokuthi namanje awakwazi ukulokhu elandela i-ANC, encetheza, afuna kulungiswe indaba yokubuyekezwa kwamadlelandawonye.

AmaKhomanisi agxeka ne-ANC ngendaba yokuthi ayizange iwafake ezintweni ezithinta ukubunjwa kukahulumeni wokubambisana kwamaqembu, njengoba engayifuni nakuyibona i-DA, esebenzisana ne-ANC.