Impi yokudayisa amaphinifa isenkantolo
Image: Facebook
ISIHAMBE yaze yayofika enkantolo eyombango wokudayisa kwamaphinifa enkabeni yeTheku.
Lo mbango osuthathe iminyaka, usha phansi phakathi kwabathungi bamaphinifa baseNingizimu Afrika kanjalo nalabo abangabokufika kuleli abangenamaphepha.
Ekhuluma neSolezwe, umsunguli wePhinifa neDuku Association, okuyinhlangano yabathungi bamaphinifa bakuleli, uNksz Thabo Ngcobo, uthe lo mbango osungene enkantolo, usuneminyaka ukhona.
Uthe uma ekhumbula, waqala emva kuka-2018, kulandela ukuthi abanye babo bejikelwa abokufika esiswini njengotshwala.
“Ngaleso sikhathi umsebenzi wawumningi, isasanda kungenisa eyokuswenka ngamaphinifa. Abanye omama baqasha abokufika ukuthi babathungele amaphonifa ukuze kube lula ukuthi bamelane nomthamo wama-oda amaphinifa,” kusho uNksz Ngcobo.
Uveze ukuthi kuthe bengazelele, abokufika baqala bawudla umsebenzi wabo, baziqalela ukuthunga amaphinifa endaweni ehlukile, bawadayisa ngemali eyawubulala yawuqeda umsebenzi wabo.
“Thina amaphinifa siwadayisa ngo-R150 lilinye, bona bavele balidayise u-R75, okuyinto esiqedela amakhasimende. Abantu abasathengi kithi, sebevele bagijime bayothenga kubo,” usho kanje.
Uthe into eyenza kube nzima kakhulu ukuthi ama-design, indwangu kanjalo ne-quality kuyafana, ngakho amakhasimende bavele bawawole wonke.
“Kubona uyabagculisa lo R75 ngoba uma befika nawo emazweni abo, ufike ube yimali enkulu. Ngapha ngakuthina, kunzima ukuthi singawehlisa amaphinifa siwabize imali efanayo ngoba lokho ngabe kusho ukuthi sisebenzela ize,” kusho uNksz Ngcobo.
Uthe bazamile ukuyilwa kahle le nto kodwa kwanhlanga zimuka nomoya, kwaze kwaba basungula inhlangano yabo kulo nyaka.
Uthe inamalungu abalelwa ku-800, kanti bebehlose ngayo ukulwa nale nkinga.
UNgcobo uveze ukuthi bahambile bayoyethula kuMasipala weTheku, basho nokuthi bahloseni ngayo, bacela nokwesekwa ezinhlosweni zayo.
Uthe bekungasekuqaleni kwenyanga edlule, lapho bethole khona ukuthi kukhona owesifazane osaqhubeka nokusebenzisana nabokufika enkabeni yeTheku.
Uveze ukuthi bathe uma beyobika kuMasipala weTheku bangaluthola sizo, base benikela etafuleni elidayisa lona wesifazane.
Uthe bafica owokufika, kwasuka umsindo owagcina ubophisa bona.
“Lona wesifazane wavula icala, wathi sithathe amaphinifa akhe esamba sika-R130 000. Wabuye washintsha wathi bekungawa-R13 000,” kusho uNksz Ngcobo.
Uthe kugcine kuboshwa amalungu abo ayisithupha ahamba inkantolo njengamanje, wathi batshelwe ukuthi kusashoda abanye abayisishiyagalolunye.
Leli cala liyaqhubeka eNkantolo yeMantshi yaseThekwini, lizophinde libuyele ngo-Okthoba 29.
Related Topics: