Izindaba

Ayijiki i-DA ekuchitheni uhlelo lokufukula abamnyama

Mhlengi Shangase|Published

omunye wabaholi beDA uHelen Zille

Image: Armand Hough / Independent Newspapers

IYAQHUBEKA i-DA nokuchitha uhlelo lokufukula osomabhizinisi abamnyama i-Black Economic Empowerment (BEE), phezu kokuba uMengameli Cyril Ramaphosa, eshaya phansi ngonyawo ethi aluyi ndawo.

I-DA ithi lolu hlelo luyibulele imisebenzi futhi luhlomulisa abantu abambalwa, abazuza ngenkohlakalo.

UMnuz Mat Cuthbert, inhloko yemigomo kwi-DA, ekhuluma nabezindaba eGoli izolo, uthe kumele iqedwe indaba ye-BEE, okunalokho kufakwe uhlelo oluzovuselela umnotho.

Uthe kunohlelo lwe-DA i-Economic Inclusion for All Bill, abahlose ngalo ukususa i-BEE eyinqola ye-ANC eshiye inqwaba yabantu ingasebenzi.

"Indaba ye-BEE ishiye abantu abaningi bengenathemba. Ihlomulisa kuphela amaqabane e-ANC. Ijivaza ngokwebala, icebisa abazana nabaholi be-ANC," usho kanje.

Uthe osomabhizinisi bashiywe ngaphandle wathi ngomgomo wabo bahlose ukukhulisa umnotho.

"Kumele kube nenye indlela ezosetshenziswa ukuhlomulisa abathile ngezinkontileka. Kumele kunikwe abantu abavezayo ukuthi bawuthuthukisa kanjani umnotho nokuthi kumele bangabizi kakhulu."

Uthe labo okuyotholakala ukuthi benza inkohlakalo, kumele basuswe ngokushesha ohlwini lwabazohlomula.

URamaphosa uhlale eluvikela lolu hlelo kanti uthi aluyi ndawo ngoba lufukula osomabhizinisi abamnyama ababencishwe amathuba phambilini.

UMnuz Ivan Meyer we-DA, uthe uMthethosisekelo wezwe, ubalula ukuthi uhulumeni kumele asebenzise uhlelo olulinganayo noluvulelekile uma ehlomulisa abantu ngomsebenzi.

Uthe i-BEE ayihambisani nemigomo yoMthethosisekelo yingakho uhulumeni waseWestern Cape, uye enkantolo yoMthethosisekelo uyophikisana nezinye izigatshana emthethweni wokuthenga impahla.

UCuthbert uthe abantu abevile ku-44 million babhuqwa yindlala kanti ababalelwa ku-12 million, abasebenzi.

"Uhlelo lwe-BEE lwenze izinto zaba nzima kakhulu kunakuqala. Lolu hlelo olwaqala ngo-2003, lunyuse izinga lokungasebenzi kwabamnyama laya ku-36%. Abantu i-ANC ethi ibamele, yibona abalambile sikhuluma nje."

Uthe ukuthi bayingxenye kahulumeni wokubambisana akusho ukuthi bazothula bavumele imithetho elambisa abantu.

"Singabambisana kuhulumeni kodwa lokho akusho ukuthi sizovumelana ngezinto esizibonayo ukuthi azihambi ngendlela. Sikuhulumeni ngoba simele abantu bakuleli, ngeke sihlehlele emuva."

Uthe uhulumeni uhluleke wancama ukusiphula izimpande zenkohlakalo.

Ubalule nokuthi ngaphansi kwemigomo abayiphakamisayo ngukuthi kumele kubekwe phambili osomabhizinisi abancane, kufukulwe abesifazane, kube nezinhlelo zokuphakelwa kwabahlwempu, kube nemifundaze kuphinde kuthuthukiswe umkhakha wemfundo eyisisekelo.